Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 7:14 - IsiZulu 2020

14 Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, akuyukuba bikho phakathi kwenu owesilisa ongenanzalo nowesifazane oyinyumba, naphakathi kwemfuyo yenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, kungabikho mlisa nowesifazane oyinyumba phakathi kwenu noma phakathi kwezinkomo zenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke: akuyikubakho ndoda noma owesifazane oyinyumba phakathi kwenu noma phakathi kwezinkomo zenu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 7:14
11 Referans Kwoze  

“Siyakubusiswa isithelo sesibeletho sakho, nesomhlaba wakho, nesemfuyo yakho, kwande amankonyane ezinkomo zakho namazinyane ezimvu zakho.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade, isithelo sesibeletho singumklomelo.


USimakade uyakukwandisela okuhle: isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho ukukunika lona.


“ ‘Ngiyonenzela umusa, nginenze nichume kakhulu, nginandise, ngiqinise isivumelwano sami nani.


Ubusisiwe wena Israyeli; ngubani ofana nawe, isizwe esisindiswe nguSimakade oyisihlangu nosizo lwakho, oyinkemba yakho yokunqoba. Izitha zakho ziyokhwantshabala, wena unyathele ezindaweni zazo eziphakemeyo.”


Manibe ngababusisiweyo bakaSimakade, uMdali wezulu nomhlaba.


Wababusisa, banda kakhulu, akaze ayinciphisa imfuyo yabo.


UNkulunkulu wathi kuBhileyamu: “Awunakuhamba, awunakubaqalekisa labo bantu, ngoba babusisiwe.”


USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza uphumelele kuyo yonke imisebenzi oyenzayo, isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uSimakade uyobuye athokoze ukuba anichumise njengokuba athokoza ekuchumiseni okhokho bakho,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite