Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 6:6 - IsiZulu 2020

6 Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla mawahlale enhliziyweni yakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Lawa mazwi engikuyala ngawo namuhla ayakuba senhliziyweni yakho:

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 6:6
22 Referans Kwoze  

Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


“Kepha yilesi isivumelwano engizakusenza nendlu ka-Israyeli, emveni kwalezo zinsuku,” kusho uSimakade: “ngiyakufaka umthetho wami ezibilini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Kubophele eminweni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho.


Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe wuphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu.


Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe, izinyathelo zakhe aziyukushelela.


Nibonakalisa ukuthi niyincwadi kaKhristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, elotshwe hhayi ngoyinki, kepha ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo. Ayilotshiwe ezibhebheni zamatshe, kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.


wathi kubo: “Agcineni enhliziyweni yenu wonke lawa mazwi enginixwayisa ngawo namuhla, niyale ngawo abantwana benu, ukuze baqikelele ukuwenza wonke amazwi alo mthetho.


Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, nina bantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningakwesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla lapho benithuka.


Abasemhlabathini ovundileyo, yilabo abathi uma sebelizwile izwi, balamukele, babambelele kulo ngenhliziyo eqotho nelungileyo, kuthi ngokubekezela, bathele izithelo.


Thembela kuSimakade ngayo yonke inhliziyo yakho, unganciki kokwakho ukuqonda.


Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawalonda wonke lawo mazwi enhliziyweni yakhe.


Ngemiyalo yakho, ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade.


Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami, nomthetho wakho usenhliziyweni yami.”


ngenxa yeqiniso elihlala kithi, neliyakuhlala kithi kuze kube phakade.


futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


Imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angichezukanga kuzo.


Uyakuwaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho


Ngomlomo wami ngimemezele zonke izehlulelo zomlomo wakho.


Ngiyikhethile indlela yeqiniso; izehlulelo zakho ngizibeke phambi kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite