Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 6:24 - IsiZulu 2020

24 USimakade wasiyala ukuba senze zonke lezo zimiso, simesabe uSimakade uNkulunkulu wethu, ukuze kube kuhle kithi njalo, asigcine siphilile njengoba kunjalo namuhla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UJehova wasiyala ukwenza zonke lezo zimiso, simesabe uJehova uNkulunkulu wethu, kube kuhle kithi njalo, ukuba asiphe siphile njenganamuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UJehova wasiyala ukwenza zonke lezi zimiso, simesabe uJehova uNkulunkulu wethu, kube kuhle kuze kube phakade, ukuze asigcine ekuphileni njenganamuhla.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 6:24
20 Referans Kwoze  

ngiyakubanika nhliziyonye nandlelanye, ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


USimakade uyomlondoloza, amgcine ephila; uyobusiswa ezweni. Akayukumnikela ezifisweni zezitha zakhe.


Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.


UMose waloba mayelana nokulunga okuza ngomthetho, ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni, uyakuphila ngakho.


“Yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla niyakuyigcina ngokucophelela ukuze niphile; niyokwanda, ningene, nilidle izwe uSimakade afunga ngalo kokhokho benu.


“Manje-ke, Israyeli, yizwani izimiso nezehlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona.


Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


Umvuzo wokuthobeka nokwesaba uSimakade wudumo, nengcebo nokuphila.


Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma wedelela, uyakukuthwala wena wedwa.”


olonda ukuphila kwethu, ongavumanga ukuba izinyawo zethu zishelele.


Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho.


Kodwa nina enanamathela kuSimakade uNkulunkulu wenu, nisaphila nonke nanamuhla.


Wayesethi kuso: “Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila.”


UMose wathi kubantu: “Ningesabi; uNkulunkulu uze ukuba anivivinye nokuba anifake uvalo ukuze ningoni.”


wasikhipha lapho ukuze asingenise, asinike izwe alifungela kokhokho bethu.


ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


USimakade uyakumsimamisa okhukhweni lokufa, amphilise kuzona zonke izifo zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite