Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 6:21 - IsiZulu 2020

21 “Uyakuthi endodaneni yakho: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibhithe, kodwa uSimakade wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 uyakusho kuyo indodana yakho ukuthi: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibithe; uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Khona-ke kumelwe uthi endodaneni yakho: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibhithe; uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 6:21
21 Referans Kwoze  

Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uSimakade uNkulunkulu wakho wakuhlenga, ngakho-ke ngiyakuyala ngalokhu namuhla.


“ ‘NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enifuna uSimakade. Bhekani edwaleni eniqhezulwe kulo, nasenkwalini enimbiwe kuyo.


Khumbula ukuthi nawe wawuyisigqila eGibhithe, nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; yingakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


Ngiyazi ukuthi inkosi yaseGibhithe ayiyukunivumela ukuba nihambe, ngaphandle kokuba ngiyicindezele ngesandla esinamandla.


Esabamba eyeka, amadoda amxhakathisa ngesandla, yena, nomkakhe, namadodakazi akhe womabili, abakhiphela ngaphandle komuzi, ngokuba uSimakade ngomusa wakhe wayefuna ukubaphephisa.


Ukhona yini unkulunkulu owake walinga ukuza azithathele isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, ngezibonakaliso, ngezimangaliso, ngempi, ngesandla esinamandla, ngengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uSimakade uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibhithe, nizibonela ngawenu, na?


“Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Bufakazi buni, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wethu aniyala ngakho, na?’


USimakade wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibhithe, naphezu kukaFaro nendlu yakhe yonke phambi kwamehlo ethu,


“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.


Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.


Lokhu kuyakuba wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuthi uSimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe.”


Bayobeka ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa yimisebenzi kaNkulunkulu, ukuze bagcine imiyalo yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite