Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 6:18 - IsiZulu 2020

18 Uyokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaSimakade, ukuze kube kuhle kuwe, ungene, ulidle lelo lizwe elihle uSimakade afunga kokhokho bakho

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kube kuhle kuwe, ungene ulidle lelo zwe elihle uJehova alifungela oyihlo

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Uyakwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kukuhambele kahle, ungene ulidle izwe elihle uJehova alithembisa oyihlo ngesifungo;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 6:18
23 Referans Kwoze  

Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”


Ningalidli ukuba kube kuhle kini nakubantwana benu emva kwenu, ngokuba niyobe nenza okulungile emehlweni kaSimakade.


Ningalingisi leli lizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo.


Sengathi kungaba njalo enhliziyweni yabo, bangesabe, bayigcine njalo yonke imiyalelo yami, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngingedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandekayo kuye.”


Nalapho omubi ephenduka ebubini bakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo, uyakuphila ngakho.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


Akayukukhunjulelwa nesisodwa sezono zakhe azenzileyo, ngokuba ukwenzile okufaneleyo nokulungileyo; uyakuphila.


Lapho ngithi komubi: ‘Uyakufa nokufa,’ bese yena ephenduka esonweni sakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo,


Lapho omubi ephenduka ebubini bakhe abenzileyo, enze ubulungiswa nokulunga, uyakuwusindisa umphefumulo wakhe.


“Kepha uma omubi ephenduka kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ubulungiswa nokulunga, uyakuphila nokuphila, akayukufa.


“Uma umuntu olungileyo enza ubulungiswa nokulunga,


Tshelani abalungileyo ukuthi kuyobahambela kahle, ngokuba bayokudla izithelo zezenzo zabo.


Ngazo, ngisho inceku yakho iyexwayiswa. Ukuzigcina kunomvuzo omkhulu.


uma nililalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu ukuba nigcine yonke imiyalo yakhe enginiyala ngayo namuhla, nenze okulungile emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wenu.”


Qaphelani, ukuba niwezwe wonke lawa mazwi enginiyala ngawo ukuze kube kuhle kini nakubantwana benu eniyobazala kuze kube phakade, ngokuba niyobe nenza okuhle nokulungile emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wenu.


Qaphela, funa ukhohlwe nguSimakade uNkulunkulu wakho ungayigcini imiyalo yakhe, izehlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.


Niyohamba njalo endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile futhi kube kuhle kini, zande izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.”


Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


“Kepha nithi: ‘Kungani indodana ingalithwali icala likayise na?’ Uma indodana yenzile ubulungiswa nokulunga, yagcina zonke izimiso zami, yazenza, ngalokho iyakuphila nokuphila.


ukuthi uzozixosha zonke izitha zakho phambi kwakho, njengalokhu ekhulumile uSimakade.


wathi “Ngiyakuncenga Simakade ukuba ukhumbule ukuthi ngihambe phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle emehlweni akho.” UHezekiya wayesekhala umunyu.


“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni afunga ngalo kokhokho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uzoninika lona: imizi emikhulu nemihle ongayakhanga,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite