Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 5:5 - IsiZulu 2020

5 Ngaleso sikhathi mina ngangimi phakathi kukaSimakade nani ukuze nginazise izwi likaSimakade, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukelanga entabeni. Wathi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Mina ngema phakathi kukaJehova nani ngaleso sikhathi ukunazisa izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anakhuphukela entabeni. Wathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 (Ngaleso sikhathi ngema phakathi kukaJehova nani ukuba ngimemezele kini izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anikhuphukanga entabeni, nithi:

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 5:5
15 Referans Kwoze  

Pho kwakuhlosweni ngomthetho na? Umthetho wanikezwa ngenxa yeziphambeko kuze kufike ulibo olwanikwa isithembiso, owamiswa ngezingelosi nangesandla somlamuleli.


Ngosuku lwesithathu ekuseni, kwaba nokuduma, nombani, nefu elimnyama phezu kwentaba, nokukhala okukhulu kwecilongo, abantu bonke ababesenkanjini bathuthumela.


Ngokuba uKhristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu,


Isikhulu siyakuba ngomunye wabo, nombusi walo uyakuvela phakathi kwabo. Ngiyakumsondeza, asondele kimi, ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na?’ kusho uSimakade.


Wayesethe uzobabhubhisa, ukuba uMose okhethiweyo wakhe, akemanga phambi kwakhe wabakhulumela, ukuze adambise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.


Sondela wena, uzwe konke lokho uSimakade uNkulunkulu wethu azokukhuluma, bese wena ukhuluma nathi, usitshele wonke amazwi uSimakade uNkulunkulu wethu azowasho kuwe, siyokulalela, siwenze.’


Wama phakathi kwabafileyo nabaphilayo; lwanqamuka ubhubhane.


Lawo madoda awufulathela umuzi ka-Abhrahama, alibangisa eSodoma, kodwa u-Abhrahama wasala emi phambi kukaSimakade.


USimakade wathi kuye: “Yehla, uxwayise abantu bangafohli ukuba babone uSimakade, ngokuba iningi labo liyobhubha.


UMose wehla wakhuluma nabantu.


Wasusa izindawo eziphakemeyo, wadiliza izinsika, wanquma o-Ashera, wachitha inyoka yethusi eyayenziwe nguMose, ngokuba abakwa-Israyeli, kuze kube yileso sikhathi, babesashisa impepho kuyo; yayisibizwa ngokuthi nguNehushithani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite