Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 5:4 - IsiZulu 2020

4 USimakade wakhuluma nani ubuso nobuso entabeni, esemlilweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJehova wakhuluma kinina ubuso nobuso entabeni ephakathi komlilo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJehova wakhuluma kini ubuso nobuso entabeni phakathi komlilo;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 5:4
14 Referans Kwoze  

Akuzange kuphinde kuvele umphrofethi kwa-Israyeli owayefana noMose, owayazana noSimakade ubuso nobuso.


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi emlilweni, njengalokho ulizwile, baphila na?


USimakade wathi kuMose: “Bheka ngizokuza kuwe ngefu elimnyama, ukuze abantu bezwe uma ngikhuluma nawe, nokuba emveni kwalokho bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose wambikela uSimakade lokho okwakushiwo ngabantu.


USimakade wakhuluma kanjalo noMose ubuso nobuso, njengomuntu ezikhulumela nomngani wakhe. Wabuyela enkanjini, kodwa inceku yakhe, insizwa enguJoshuwa indodana kaNuni, ayiphumanga ethendeni.


Bayotshela izakhamuzi zaleli lizwe. Sizwile ukuthi Wena Simakade uphakathi kwalaba bantu, ngokuba Wena Simakade bayakubona ubuso nobuso; ifu lakho lima phezu kwabo njengensika, nokuthi Wena uhamba phambi kwabo ngensika yefu emini, nangensika yomlilo ebusuku.


Yena, ngikhuluma ngokusobala umlomo nomlomo, hhayi ngombono noma ngamazwi ayimfumbe, futhi uyasibona isimo sikaSimakade. Kungani ningesabanga ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”


UNkulunkulu wakhuluma wonke lawa mazwi, wathi:


USimakade wakhuluma kini ephakathi emlilweni; nezwa izwi likhuluma, kodwa anibonanga simo, nezwa izwi kuphela.


“Qaphelani kakhulu, lokhu ningabonanga simo ngalolo lusuku lapho uSimakade ekhuluma nani eHorebhe, ephakathi komlilo.


“Yilawo amazwi uSimakade awakhuluma enhlanganweni yenu yonke entabeni, ephakathi komlilo, nefu, nesigayegaye sobumnyama, nangezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite