Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 5:31 - IsiZulu 2020

31 “ ‘Kepha wena, yima lapha nami ukuze ngiyikhulume kuwe yonke imiyalo, izimiso, nezehlulelo oyakubafundisa khona konke ukuba bakwenze ezweni engibanika lona, ukuba balidle.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Kepha wena, yima lapha ngakimi, ngikhulume kuwe yonke imiyalo, nezimiso, nezahlulelo oyakubafundisa khona ukuba bakwenze ezweni engibanika lona ukuba balidle.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kepha wena, yima lapha nami, futhi ngiyakukhuluma kuwe yonke imiyalo, nezimiso, nezahlulelo oyakubafundisa zona, ukuze bakwenze ezweni engibanika lona ukuba balidle.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 5:31
15 Referans Kwoze  

Pho kwakuhlosweni ngomthetho na? Umthetho wanikezwa ngenxa yeziphambeko kuze kufike ulibo olwanikwa isithembiso, owamiswa ngezingelosi nangesandla somlamuleli.


“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebhe mayelana no-Israyeli wonkana, oyizimiso nezehlulelo.”


Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza.


“Nazi izimiso nezehlulelo eniyoqikelela ukuzigcina ezweni uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona, ukuba nilidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni:


“Ngakho-ke uyomthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine imithetho yakhe, izimiso zakhe, izehlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezehlulelo engizisho ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde bese uqikelela ukuzenza.


yibo lobu ubufakazi, izimiso, nezehlulelo uMose akukhuluma kubantu bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibhithe,


“Bhekani, nginifundisile izimiso nezehlulelo, njengokuba uSimakade uNkulunkulu wami engiyalile ukuba nenze kanjalo phakathi kwezwe enizongena kulo ukuba nilidle.


“Manje-ke, Israyeli, yizwani izimiso nezehlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona.


USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni uhlale lapho, ngizokunika izibhebhe zamatshe, umthetho nemiyalelo engikubhalileyo ukuze ubafundise yona.”


“Nanku umyalelo, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wenu ayala ukuba nikufundiswe, futhi nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,


“ ‘Hamba, usho kubo uthi: “Buyelani emathendeni enu.”


UMose wangena phakathi efini, wakhuphukela entabeni, wayesentabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40.


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu uninikile leli lizwe ukuba nilidle; niyakuwelisa phambi kwabafowenu bakwa-Israyeli wonke amadoda anesibindi ehlomile.


Niyogcina zonke izimiso, izehlulelo, umthetho, nemiyalo anilobela khona, futhi niyoqikelela ukuba nikwenze. Ningabesabi abanye onkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite