Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 5:22 - IsiZulu 2020

22 “Yilawo amazwi uSimakade awakhuluma enhlanganweni yenu yonke entabeni, ephakathi komlilo, nefu, nesigayegaye sobumnyama, nangezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Lawo mazwi uJehova wawakhuluma kuyo yonke inhlangano yenu entabeni, evela phakathi komlilo, nefu, nesigayegaye, ngezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Lawa mazwi uJehova wawakhuluma ngezwi elikhulu ebandleni lenu lonke entabeni, phakathi komlilo, nefu, nasebumnyameni; futhi Akanezelanga lutho. Waliloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika lona.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 5:22
11 Referans Kwoze  

USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.


USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni uhlale lapho, ngizokunika izibhebhe zamatshe, umthetho nemiyalelo engikubhalileyo ukuze ubafundise yona.”


USimakade wakhuluma nani ubuso nobuso entabeni, esemlilweni.


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


Ngokuba anizanga entabeni ethintekayo nevutha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,


Kepha abantu bamela kude, kwaba nguMose kuphela osondela efini elimnyama lapho uNkulunkulu wayekhona.


“Kwathi lapho nilizwa izwi elivela phakathi kobumnyama, intaba ivutha umlilo, nasondela kimi, zonke izinhloko zezizwana zenu namalunga enu,


Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi emlilweni, njengalokho ulizwile, baphila na?


Niyogcina zonke izimiso, izehlulelo, umthetho, nemiyalo anilobela khona, futhi niyoqikelela ukuba nikwenze. Ningabesabi abanye onkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite