Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 4:28 - IsiZulu 2020

28 Lapho niyokhonza onkulunkulu abayimisebenzi yezandla zabantu, onkulunkulu bemithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangadli nabangahogeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Lapho niyakukhonza onkulunkulu, umsebenzi wezandla zabantu, imithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangahogeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kumelwe nikhonze lapho onkulunkulu, umsebenzi wezandla zomuntu, imithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangadli, abangahogi.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 4:28
22 Referans Kwoze  

“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.


Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’


Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba ame lapho, angabe esasuka endaweni yakhe; kodwa uma umuntu ekhala kuye, akayukumphendula, akanakumsindisa osizini lwakhe.


“USimakade uyokuyisa, wena nenkosi oyibeke phezu kwakho, esizweni wena nokhokho bakho eningasazi, niyokhonza lapho abanye onkulunkulu bokhuni nabamatshe.


“ ‘ “Nina ndlu yakwa-Israyeli,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “hambani; kube yilowo nalowo ayokhonza isithombe sakhe, kodwa kamuva niyakungilalela, ningabe nisalingcolisa igama lami elingcwele ngeminikelo yenu nangezithombe zenu.


“Qoqanani ndawonye nize, sondelani nina abasindileyo bezizwe; abanalwazi abathwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


Bonke abenza izithombe ezibunjiweyo bayize, nezinto abazithokozelayo azinanzuzo kubo, ofakazi babo ababoni, futhi kabazi, bayothelwa ngehlazo.


Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaphrofethi, ukuthi: “ ‘Nanginika yini imihlatshelo neminikelo iminyaka engamashumi amane nisehlane, nina ndlu ka-Israyeli na?


nesiliva elicangcathiweyo elilethwa lisuka eTharishishi, negolide lase-Ufazi, kungumsebenzi wezandla zomcangcathi; kugqokiswe okuluhlaza nokubukhwebezane, konke kungumsebenzi wezingcweti.


Imikhuba yabantu iyize; ngokuba umuntu ugawula isihlahla ehlathini, asixhoze ngembazo; umsebenzi wombazi, osibaza ngembazo.


“ ‘ “Lokhu okusengqondweni yenu, impela akusoze kwenzeka, enicabanga, nithi: Siyakufana nezizwe, sifane nabantu bezwe, nathi sikhonze ukhuni netshe.


Kepha, niyabona futhi niyezwa ukuthi akusikho kuphela e-Efesu, kodwa cishe kulo lonke i-Asiya, uPawula lona usenxenxe waphendula abantu abaningi, ethi akusibo onkulunkulu laba abenziwe ngezandla.


Kepha abanye abantu abangabulawanga ngalezo zinhlupheko abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo, ukuba bangakhuleki kuwo amadimoni, nakuzo izithombe zegolide, ezesiliva, ezethusi, ezamatshe, ezemithi, ezingaboni, ezingezwa, nezingahambi.


nizibonile izinengiso zazo, nezithombe zazo, zemithi, amatshe, isiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo


Abafileyo abasaphili, imimoya yabo ayiyukuvuka; yingakho-ke wabajezisa, wababhubhisa, wenza ukuba bangabe besakhunjulwa.


Umkhandinsimbi wenza ithuluzi, uyalisebenza emalahleni, alicangcathe ngezando, alisebenze ngamandla ezingalo zakhe. Uyalamba, angabi namandla, uma engawaphuzi amanzi, uyakhathala.


Kepha abazange balalele, baqhubeka benza njengokwemithetho yabo yakuqala.


Bonke abasikhonzayo bayothelwa ngehlazo, nabakhandi bangabantu nje, mabahlangane bonke, mabasukume bonke, bangenwe yingebhe; bonke bayakuthelwa ngehlazo kanyekanye.


Njengesichuse ensimini yamakhukhamba, awukhulumi, impela uyathwalwa; ngokuba awuzihambeli. Ungawesabi, ngokuba awukwazi ukukulimaza, futhi awukwazi ukwenza okuhle.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite