Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 4:25 - IsiZulu 2020

25 “Kuyothi lapho sewuzele abantwana, nabo bazala ababo, senihlale isikhathi eside ezweni, bese nona, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 “Nxa uyakuzala abantwana nabantwana babantwana, nanxa senihlale isikhathi eside ezweni, none, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Nxa nizala abantwana nabazukulu, senihlale isikhathi eside ezweni, niziphange, nenze isithombe esibaziweyo noma umfanekiso wanoma yini, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wenu ukuba amthukuthelise zala:

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 4:25
25 Referans Kwoze  

Funa nenze okubi, nizenzele izithombe ezibaziweyo, eziwumfanekiso wowesilisa noma wowesifazane,


Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?


Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo.


Wenza okubi emehlweni kaSimakade, njengezinengiso ezazenziwa ngabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Phuthuma wehle, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe benze isono.


Qaphelani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu asenza nani, bese nizenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uSimakade uNkulunkulu wakho akuyala ngayo.


“Zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela kuwe, zikulandele, zikukhungathe, uze ubhujiswe, ngokuba awulalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, awuyigcinanga imiyalo yakhe nezimiso zakhe akuyala ngakho.


Konke ukugula nalo lonke ubhubhane okungalotshiwe encwadini yalo mthetho, lokho uSimakade uyakukuletha phezu kwakho, uze ubhujiswe.


“Bonile kuye; abaseyibo abantwana bakhe, ngenxa yesici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.


Uma nephula isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ngaso bese nihamba niyokhonza abanye onkulunkulu, nibakhothamele, ulaka lukaSimakade luyonivuthela, nibhubhe ngokushesha kuleli lizwe elihle aninike lona.”


Uma nimshiya uSimakade, nikhonze abanye onkulunkulu babezizwe, uyophenduka, anenzakalise, aniqothule esenenzele lokhu okuhle.”


Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.


Ungazenzeli isithombe esibaziweyo, sanoma yini olusezulwini phezulu, noma olusemhlabeni phansi, noma olusemanzini phansi komhlaba.


Ungazimiseli insika eyoba yisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”


“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuSimakade, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise esithe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


ngiyaqinisa kini namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha; izinsuku zenu aniyukuzandisa ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo, nilidle.


“Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngofakazi ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuze niphile, wena nenzalo yakho,


Ngangena, ngabona; kwakunemifanekiso yazo zonke izinto ezinwabuzelayo, nezilwanyana ezinengekayo, nazo zonke izithombe zendlu ka-Israyeli, kudwetshwe odongeni nxazonke.


UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yimihambima phakathi kwezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite