Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 4:24 - IsiZulu 2020

24 Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 4:24
28 Referans Kwoze  

ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Ngubani ongamelana nentukuthelo yakhe na? Ngubani ongabekezelela ulaka lwakhe oluvuthayo na? Ulaka lwakhe luthululwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


“Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.


Ukubonakala kwenkazimulo kaSimakade kubantu bakwa-Israyeli kwakufana nomlilo oqothulayo esiqongweni sentaba.


Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”


Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu, funa intukuthelo kaSimakade uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikushabalalise ebusweni bomhlaba.


Ngokuba aniyukukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uSimakade, ogama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu.


“Ngakho-ke ngilindeni,” kusho uSimakade, “kuze kube lusuku engisukuma ngalo ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukuqoqa izizwe, ngihlanganise ndawonye imibuso, ukuba ngithululele kuzo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wami.”


Noma ngabe yisiliva labo noma yigolide labo akuyukuba namandla okubahlenga ngosuku lolaka lukaSimakade. Umhlaba wonke uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda nya, impela abaqothule ngokuphazima kweso bonke abakhileyo emhlabeni.”


Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


“NginguSimakade; yilelo igama lami; angiyukumnika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo, udumo lwami.


Ngesikhathi sentukuthelo yakho, uyobenza bafane nesithando somlilo. USimakade uyobasobozela ngentukuthelo yakhe, umlilo ubashwabadele.


uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.


USimakade unguNkulunkulu onomhawu, nophindiselayo; uSimakade uyaphindisela, uthukuthele uyabila, ngolaka lwakhe uyaphindisela kwabamelene naye, Uzithukuthelela njalo izitha zakhe.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngijezisela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,


Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.


Bamenza waba nesikhwele ngonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso.


Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.


Igama likaSimakade liyeza, livela kude, livutha ulaka lwakhe, ligqunqile; izindebe zakhe zigcwele intukuthelo, nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo;


Ebukhulwini bobukhosi bakho uthele phansi labo abamelana nawe, uthumele intukuthelo yakho yabaqothula njengamahlanga.


Lokho kwenzeka eJerusalema kwaJuda ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla ebusweni bakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.


Funani uSimakade, niphile, kungenjalo uyakumemetheka njengomlilo endlini kaJosefa, ungqongqise, kungabi bikho owucimayo eBhethele.


Khuphukani niye ezweni elichichima ubisi noju, kodwa Mina ngeke ngibe phakathi kwenu, ngokuba ningabantu abantamo lukhuni, funa nginiqede nya endleleni.”


“UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umphristi ukhalime intukuthelo yami kwabakwa-Israyeli, ngokuba utshengise intshisekelo ngami phakathi kwabo, ukuze ngingabaqothuli ngesikhwele sami.


Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo, kuthi oNgcwele ka-Israyeli abe yilangabi; kuyakushisa kuqothule ameva namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite