Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 4:21 - IsiZulu 2020

21 “USimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyukuliwela iJordani nokuthi angiyukungena kulelo lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, libe yifa lakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyikuwela iJordani nokuthi angiyikungena kulelo zwe elihle uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngaphezu kwalokho, uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi ngeke ngiwele iJordani nokuthi ngeke ngingene kulelo zwe elihle uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona njengefa.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 4:21
13 Referans Kwoze  

“Nami uSimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wathi: ‘Nawe awuyukungena kulo;


USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Njengalokhu ningakholwanga yimi, futhi ningangingcwelisanga phambi kwamehlo abantu bakwa-Israyeli, ngalokho aniyukulingenisa leli bandla ezweni engilinike lona.”


wathi kubo: “Namuhla ngineminyaka eyi-120 angisakwazi kuphuma nakungena; uSimakade uthe kimi: ‘Awuyukuliwela leli Jordani.’


“Kepha uSimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, akabe esangilalela. USimakade wathi kimi: ‘Kwanele manje; ungaphinde ukhulume nami ngale ndaba.


ngokuba anikafiki endaweni yokuphumula nasefeni uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona.


Ngaleyo ndlela akuyukuba bikho ontulayo phakathi kwenu. USimakade uNkulunkulu wenu impela uyonibusisa ezweni aninika lona ukuba nilidle, libe yifa lenu,


Uyolungisa indlela, wehlukanise kathathu izifunda zezwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa, ukuze bonke ababulali babalekele lapho.


ukuze igazi lomuntu ongenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, ngaphandle kwalokho, uyothwala icala legazi.


“Kepha ngemizi yalezo zizwe, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona njengefa lakho, awuyukusindisa lutho oluphefumulayo kuyo.


Isidumbu sakhe asiyukuhlala ubusuku bonke emthini, kodwa uyomngcwaba impela ngalolo lusuku, ukuze isiqalekiso sikaNkulunkulu sibe phezu kophanyekiweyo, ungalingcolisi izwe lakini uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho.”


indoda yakhe yokuqala eyamxosha ayikwazi ukubuyela kuye imthathe futhi abe ngumkayo, ngokuba usengcolisekile ngale ndlela, lokho kuyisinengiso phambi kukaSimakade. Awuyukwenza ukuba izwe uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba libe yifa lakho, libe necala.


“Kuyokuthi lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba, ulidle, wakhe kulo, libe yifa lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite