Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 4:12 - IsiZulu 2020

12 USimakade wakhuluma kini ephakathi emlilweni; nezwa izwi likhuluma, kodwa anibonanga simo, nezwa izwi kuphela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UJehova wayesekhuluma kini ephakathi komlilo; nezwa izwi likhuluma, kepha anibonanga simo, kwakuyizwi kuphela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UJehova wakhuluma kini ephakathi komlilo; nezwa izwi lamazwi, kepha anibonanga mfanekiso; wena wezwa izwi kuphela.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 4:12
24 Referans Kwoze  

“Yilawo amazwi uSimakade awakhuluma enhlanganweni yenu yonke entabeni, ephakathi komlilo, nefu, nesigayegaye sobumnyama, nangezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.


USimakade wakhuluma nani ubuso nobuso entabeni, esemlilweni.


“Qaphelani kakhulu, lokhu ningabonanga simo ngalolo lusuku lapho uSimakade ekhuluma nani eHorebhe, ephakathi komlilo.


Kwase kuzwakala izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.”


Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wawezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.


Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi emlilweni, njengalokho ulizwile, baphila na?


Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, iyizibulo lakho konke okudaliweyo,


Nguye lo umphrofethi u-Izaya akhuluma ngaye, ethi: “ ‘Izwi lomemeza ehlane, lithi: “Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde!” ’ ”


Ningamfanisa nobani uNkulunkulu na? Ningamqhathanisa namuphi umfanekiso na?


Izwi lithi: “Memeza!” Ngathi: “Ngiyakumemeza ngithini na?” Bonke abantu bangutshani, nabo bonke ubuhle babo bunjengembali yasendle.


Izwi liyamemeza, lithi: “Lungisani indlela kaSimakade ehlane, nihlelembe umgwaqo kaNkulunkulu wethu ongcwele.


nakuba niphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, izindlebe zenu ziyakuzwa izwi emva kwenu, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo.”


USimakade wathi kuMose: “Uyakusho lokhu kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘Nizibonele ukuthi ngikhulume nani ngisezulwini.


Esakhuluma, kwafika ifu elikhanyayo labemboza, kwezwakala izwi livela efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo; yilaleleni.”


Yena, ngikhuluma ngokusobala umlomo nomlomo, hhayi ngombono noma ngamazwi ayimfumbe, futhi uyasibona isimo sikaSimakade. Kungani ningesabanga ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”


nasekukhaleni kwecilongo, nasekuzwakaleni kwamazwi, abathe ukukuzwa, bancenga ukuba kungabe kusakhulunywa izwi kubo,


USimakade wathi kuMose: “Bheka ngizokuza kuwe ngefu elimnyama, ukuze abantu bezwe uma ngikhuluma nawe, nokuba emveni kwalokho bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose wambikela uSimakade lokho okwakushiwo ngabantu.


“Nasondela, nema phansi kwentaba; intaba yayivutha umlilo kuze kube semkhathini, inamafu amnyama nesigayegaye sobumnyama.


Wamemezela kini isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisigcine, imiyalelo elishumi ayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.


USimakade wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe, zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu. Kwakulotshwe kuzo wonke amazwi uSimakade ayewakhulume kini entabeni, ephakathi komlilo, ngosuku lokuhlangana.


Waloba ezibhebheni njengalokhu kwakulotshiwe kuqala, imiyalelo elishumi uSimakade ayikhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana; uSimakade wanginika zona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite