Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 34:9 - IsiZulu 2020

9 UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebekile izandla zakhe phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela-ke, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya wokuhlakanipha; ngokuba uMose wabeka izandla phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 34:9
20 Referans Kwoze  

UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade.


Babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo.


Othunywe nguNkulunkulu ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu umuphe ngokupheleleyo uMoya.


UDaniyeli wabadlula omengameli nezikhulu, ngokuba wayenekhono eledlulele; inkosi yayicabanga ukumbeka ukuba engamele umbuso wonke.


Amadodana abaphrofethi ayeseJerikho, ebuqamama, ambona, athi: “Umoya ka-Eliya wehlele phezu kuka-Elisha.” Asuka ayomhlangabeza, akhothama athi mbo emhlabathini phambi kwakhe.


Kwathi besawela iJordani, u-Eliya wathi ku-Elisha: “Cela ukuthi ufisa ngikwenzeleni ngaphambi kokuba ngisuswe kuwe.” U-Elisha wathi: “Umoya wakho mawuphindwe kabili kimi.”


uyabona-ke, ngenzile njengokwezwi lakho. Ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda; okungazange kube khona namunye owake wafana nawe phambilini, futhi okungayikuba bikho oyovela emva kwakho.


Ngakho-ke yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukuze ikwazi ukubusa abantu bakho, ikwazi ukwehlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ngokuba ngubani ongabusa lesi sizwe sakho esikhulu kangaka na?”


okufihlwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi.


Ngiyokwehla ngikhulume nawe lapho. Ngiyothatha okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo. Ayowuthwalisana nawe umthwalo wabantu, awuyukuwuthwala wedwa.


futhi ngimgcwalise ngoMoya kaNkulunkulu, ngamandla okwazi, ngokuhlakanipha nangokwazi lonke uhlobo lomsebenzi wezandla,


Ungaxhamazeli ubeke izandla kunoma ngubani, futhi ungahlanganyeli ezonweni zabanye, kodwa uhlale umsulwa.


Ungasidebeseli isiphiwo sakho, owasiphiwa ngezwi elaphrofethwa, nangokubeka izandla ngamalunga.


Abantu bakwa-Israyeli bamlilela uMose besemathafeni kwaMowabi. Bamkhalela izinsuku ezingama-30, sase siphela isikhathi sokulilela uMose.


Abantu bakwa-Israyeli bahamba njengoba uSimakade ebayalile oMose no-Aroni.


Uyakukhuluma kubo bonke abanekhono, engibaphile ikhono ukuba bathungele u-Aroni izingubo ukuze ahlukaniswe abe ngumphristi wami, angikhonze.


USolomoni wahlala esihlalweni sobukhosi sikaSimakade waba yinkosi esikhundleni sikaDavide, uyise, waba nempumelelo; wonke u-Israyeli wamlalela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite