Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 33:9 - IsiZulu 2020

9 owathi ngoyise nonina: ‘Angibabonanga,’ wangabanaka abafowabo, akaze abanakekela abantwana bakhe. Ngokuba baligcina izwi lakho, basigcina isivumelwano sakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 owathi ngoyise nangonina: ‘Angibabonanga,’ angabavuma futhi abafowabo, angabazi abantwana bakhe, ngokuba baliqaphele izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 owathi kuyise nonina: “Angimbonanga; akabazi abafowabo, akabazi nabantwana bakhe, ngokuba baligcinile izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 33:9
17 Referans Kwoze  

“Uma umuntu eza kimi, kepha engamdeli uyise, unina, umkakhe, abantwana, abafowabo, odadewabo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, ngeke abe ngumfundi wami.


Kepha uJesu waphendula, wathi kuye: “Ngubani umame, nabafowethu bangobani na?”


“Othanda uyise nonina kunami, akangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami, akangifanele;


Ngabe manje ngizama ukuzincengela kubantu noma kuNkulunkulu na? Ngabe ngizama ukuthokozisa abantu na? Uma ngisazama ukuthokozisa abantu, ngabe angisiyo inceku kaKhristu.


Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Bathumela kuye abafundi babo nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awubunaki ubunjalo bomuntu, ngokuba Wena awubheki buso bamuntu.


Base bethi: “Wozani simakhele uzungu uJeremiya, ngokuba umyalelo awuyukulahleka ngomphristi, ukweluleka ngohlakaniphileyo, nezwi ngomphrofethi; wozani simhlasele ngamazwi ethu, singalinaki nelilodwa lamazwi akhe.”


Ngakho-ke abantu bayamesaba, kodwa akabagqizi qakala abacabanga ukuthi bayizihlakaniphi ezinhliziyweni zabo.”


Nalokho kwakuyinto encane emehlweni akho, Nkulunkulu; ukhulumile nangendlu yenceku yakho isekude, wangibuka kungathi ngingumuntu ophakemeyo, Simakade Nkulunkulu.


akayukungena lapho kunofileyo khona, akayukuzingcolisa ngisho nangoyise noma unina imbala.


UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Ithamari, amadodana akhe: “Ningaziqaqi izinwele emakhanda enu, ningaziklebhuli izembatho zenu ukuze ningafi, bese intukuthelo yehlela yonke inhlangano, kepha abafowenu, indlu yonke yakwa-Israyeli, ingalila ngenxa yokusha akulethileyo uSimakade.


ULeya wakhulelwa, wazibula ngendodana, wayiqamba igama wathi nguRubeni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade ulubonile usizi lwami. Impela umyeni wami usezongithanda manje.”


Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKhristu uJesu nezingelosi ezikhethiweyo, ukuba ulondoloze lezi zinto, ungabandlululi, futhi ungenzi lutho ngokukhetha.


kodwa njengalokhu uNkulunkulu evumile ukuba siphathiswe ivangeli, ngakho-ke siyakhuluma, hhayi ukuba sithokozise abantu, kodwa uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.


USimakade uyisabelo sami; ngithi amazwi akho ngizowagcina.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite