Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 33:25 - IsiZulu 2020

25 Imigoqo yakho ingeyensimbi nethusi, njengoba zinjalo izinsuku zakho; ayoba njalo namandla akho.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Imigoqo yakho iyakuba ngeyensimbi neyethusi, nanjengezinsuku zakho oba njalo amandla akho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Izicathulo zakho kumelwe zibe yinsimbi nethusi; futhi njengezinsuku zakho, ayakuba njalo amandla akho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 33:25
18 Referans Kwoze  

Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula,


Nguye opha oyethileyo amandla, andise izikhwepha kongenamandla.


Ngosuku engakhala ngalo, wangiphendula; waqinisa umoya wami, ngaba namandla.


Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye. Wenze ubuwula kule nto, ngokuba kusukela manje sekuzohlala kunokulwa.”


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Ngokuba leli lizwi alisiwo amampunge nje kini, lingukuphila kwenu; ngalawa mazwi niyokwandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani, ukuba nilidle.”


izwe lapho uyakudla khona isinkwa ungesweli lutho; awuyukudinga lutho; izwe elimatshe alo ayinsimbi, ezintabeni zalo uyakumba ithusi.


Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”


Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.


“Kepha uyise wathi ezincekwini zakhe: ‘Sheshani nilethe ingubo yakwanokusho, niyembathise, niyifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni,


izinyawo zigqokisiwe ukulungela ukushumayela ivangeli lokuthula;


“U-Asheri uyokudla okunonileyo, akhiqize ukudla okufanele amakhosi.


ngokuba imigoqo yamasango uyiqinisile, ubabusisile abantwana bakho ngaphakathi kwakho.


Ngisenamandla nanamuhla nanjengamhla uMose engithuma, namanje amandla ami asafana nawangaleso sikhathi, ngisengaphuma ngiyokulwa, ngiphinde ngibuye.


kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite