Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 33:14 - IsiZulu 2020

14 ngamagugu ezithelo zelanga, ngamagugu esivuno senyanga,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 nangamagugu ezithelo zelanga, nangamagugu ezinhlamvu zenyanga,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Nangezithelo ezinqabileyo ezivezwa ilanga, nangokwezinto ezinqabileyo ezivezwa yinyanga;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 33:14
15 Referans Kwoze  

Phakathi komgwaqo wawo nomfula kuleli cala, ngakwelinye kukhona umuthi wokuphila, owawuthela izithelo ezili-12, izithelo zawo uzithela nyanga zonke, amacembe omuthi angawokuphilisa izizwe.


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.”


ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile.


“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.


Wenza inyanga ukuba ibe ngeyokwehlukanisa izinkathi, ilanga liyazi ukuthi lishona nini.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


Usuku lungolwakho, nobusuku bungobakho; nguWena owenza ukukhanya nelanga.


Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo,


unjengokukhanya ekuseni, njengelanga liphuma, isibhakabhaka sicwathile, ucwazimula njengotshani emhlabathini emuva kwezimvula.’


“USimakade uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho, ezinqolobaneni zakho nakukho konke okwenzayo, uyakukubusisa ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe likhiqize ukudla, imithi yasendle ithele izithelo zayo.


“NgoJosefa wathi: ‘Izwe lakhe malibusiswe nguSimakade ngamagugu asezulwini, ngamazolo, ngotwa olwenabileyo phansi,


ngezinto ezinqabileyo zezintaba zasemandulo, ngamagugu amagquma angunaphakade,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite