Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:9 - IsiZulu 2020

9 Ngokuba isabelo sikaSimakade singabantu bakhe. UJakobe uyisifunda sefa lakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; UJakobe uyisiphetho sefa lakhe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:9
28 Referans Kwoze  

Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


Ngokuba Wena wazehlukanisela bona phakathi kwazo zonke izizwe zomhlaba, ukuba babe yifa lakho, njengalokho wawukhulumile ngesandla sikaMose, inceku yakho, ngesikhathi ukhipha okhokho bethu eGibhithe, Nkosi Simakade.”


ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha eGibhithe nasesithandweni somlilo wensimbi.


abantu engizidalele bona, ukuze bamemezele udumo lwami.


Ngokuba uSimakade uziqokele uJakobe no-Israyeli, ukuba abe yifa lakhe.


Wayeselandela izimvukazi ezenyisayo, yamthatha ukuba eluse abantu bayo, uJakobe nefa layo, u-Israyeli.


esekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, ukuze nikwazi lokho okuyithemba lobizo lwakhe nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele,


Ngakho-ke akuyukubabikho kini ophonsa intambo yokulinganisa ngonkatho ebandleni likaSimakade.


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha wawuthela ekhanda likaSawule wayesemanga, wathi kuye: “USimakade akakugcobile yini ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?


Behlelwe yingebhe novalo, ngobukhulu bamandla engalo yakho, bathulisa okwetshe, kwaze kwedlula abantu bakho Simakade, kwaze kwedlula abantu bakho ozithengele bona.


Wathi: “Ngiyakuncenga, Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, uSimakade makahambe nathi, nakuba laba bantu bengontamolukhuni. Sixolele ububi bethu, nezono zethu, usithathe sibe yifa lakho.”


Inkosi iyokuzwa, iyihlenge incekukazi yayo esandleni somuntu ofuna ukubhubhisa mina nendodana yami efeni, uNkulunkulu asabele lona.’


Sindisa abantu bakho, ubusise ifa lakho, ubeluse, ubathwale, kuze kube phakade.


Khumbula ibandla lakho owalizuza kwasemandulo, walikhulula ukuze libe yisizwe esiyifa lakho, nentaba iZiyoni ohlala kuyo.


Intukuthelo kaSimakade yabavuthela abantu bakhe, ifa lakhe laba yisinengiso kuye.


USimakade uyakudla uJuda abe yifa lakhe, nesabelo sakhe ezweni elingcwele, abuye alikhethe iJerusalema.


“ ‘Bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.’ ”


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu nguYena owasikhipha thina nokhokho bethu Gibhithe, endlini yobugqila, nowenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu. Wasivikela endleleni yonke esahamba kuyo, naphakathi kwabo bonke abantu esedlula phakathi kwabo.


Mina ngingowokuthula nothembekile kwa-Israyeli. Kungani ufuna ukubhubhisa umuzi ongunina ka-Israyeli na? Yini ufune ukudla ifa likaSimakade na?”


Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso unguSimakade, isizwe azikhethele sona saba yifa lakhe.


ukuze ngibone impumelelo yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.


USimakade Wamabandla awubusisile, ethi: “Malibusiswe iGibhithe, abantu bami ne-Asiriya, umsebenzi wezandla zami, no-Israyeli ifa lami.”


Ukwenzele unkatho, isandla sakhe sakukala ngentambo, sababela, kwaba yifa labo laphakade, izizukulwane ngezizukulwane ziyohlala kulo.


Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite