Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:8 - IsiZulu 2020

8 OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo, lapho wahlukanisa abantwana babantu, wamisa imikhawulo yezizwe njengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Lapho oPhezukonke ehlukanisela izizwe ifa labo, lapho ehlukanisa abantwana bakwa-Adamu omunye nomunye, wamisa imingcele yabantu ngokwesibalo sabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:8
23 Referans Kwoze  

Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo,


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, abeke phezu kwayo ozithobayo kubantu.’


Izulu lingelikaSimakade, kepha umhlaba wawabela abantwana babantu.


Kepha Wena, Simakade, uphakeme kuze kube phakade.


Lowo ohlala emphemeni woPhezukonke akhosele emthunzini kaSomandla,


U-Ebhere wazala amadodana amabili. Enye yawo kwakuthiwa nguPhelegi, ngoba ngesikhathi sakhe izwe ladatshulwa izifunda. Enye kwakuthiwa uJokithani.


UKhanani wazibula ngoSidoni, kwalandela uHethi,


“Kepha oPhezukonke akahlali ezindlini ezakhiwe ngezandla, njengokuba esho umphrofethi, ethi:


“E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi.


Ngiyokhuphuka ezindaweni eziphakemeyo phezu kwamafu, ngizenze ngibe njengoPhezukonke.’


Mina ngathi: “Ningonkulunkulu nina, nonke ningamadodana oPhezukonke.


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke,


Ngizokumnika uSimakade izibongo ezifanele ukulunga kwakhe, ngilihubele indumiso igama likaSimakade Ophezukonke.


ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, nowazi ukwazi koPhezukonke, obone umbono ovela kuSomandla, ewele phansi kodwa amehlo akhe engemboziwe, uthi:


Ngiyambona ngiseziqongweni zamadwala, ngisemagqumeni, ngiyambona. Bheka, ngibona abantu abahlala bodwa abazibona beyisizwe esehlukile kwezinye izizwe.


U-Israyeli uhleli ngokuvikeleka; umthombo kaJakobe wehlukene wodwa ezweni lokusanhlamvu nelewayini; lapho amazulu akhe econsa amazolo.


NguWena owamisa yonke imikhawulo yomhlaba; nguWena owenza ihlobo nobusika.


Ngakho-ke akuyukubabikho kini ophonsa intambo yokulinganisa ngonkatho ebandleni likaSimakade.


Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.


ethi: “Ngizakukunika iKhanani libe yisabelo sefa lenu,


izwe elanikwa zona kuphela, akukho mfokazi owadabula phakathi kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite