Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:29 - IsiZulu 2020

29 Uma bebehlakaniphile bebeyakukuqonda lokhu, baqonde nesiphetho sabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 O, ukube bebehlakaniphile, bakuqonde lokhu, bakuqaphele ukuphela kwabo;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:29
18 Referans Kwoze  

“Kwangathi abantu bami bangangizwa, u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.


Sengathi kungaba njalo enhliziyweni yabo, bangesabe, bayigcine njalo yonke imiyalelo yami, ukuze kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Makakuqaphelisise lokhu; bawuqonde umusa kaSimakade.


Wathi wena: ‘Ngiyohlala ngiyindlovukazi, kuze kube phakade.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga isiphetho sazo.


Niyokwenzenjani ngosuku lokwehlulela, lapho nehlelwa yinhlekelele evela kude na? Niyobalekela kubani ukuba anisize na? Niyowushiya kuphi umcebo wenu na?


Ukungcola kwalo kusemphethweni wezingubo zalo, alicabanganga ngomphumela wokona kwalo, liwile ngendlela emangalisayo, akekho ongaliduduza. Bheka Simakade, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sinqobile.


Owenza ingcebo ngokungalungi ufana nentendele echamusela ingazalelanga; iyakumshiya dengwane esaphile ingxenye nje yezinsuku zakhe, ekugcineni abe yisiwula.


Abaphrofethi baphrofetha amanga, abaphristi babusa njengoba beyalwa ngabaphrofethi. Abantu bami bathanda khona lokho, kodwa bayokwenzenjani uma kufika ukuphela na?”


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


Nkosi, sifundise ukubala kahle izinsuku zethu, ukuze sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.


“Ake nibeke enhliziyweni yenu, kusukela ngalolu lusuku kuqhubeke, kusukela ngosuku lwama-24 enyangeni yesishiyagalolunye, mhla kubekwa isisekelo sethempeli likaSimakade, nibeke enhliziyweni yenu ngalokho.


Ngubani phakathi kwenu oyobeka indlebe kulokhu, aqaphele, ezwe okwesikhathi esizayo na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite