Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:28 - IsiZulu 2020

28 “Bayisizwe esingenangqondo, akukho ukuqonda kubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 “Ngokuba bayisizwe esimasu aso aphelile, akukho ukuqonda kubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ngokuba bayisizwe esingenangqondo, akukho ukuqonda kubo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:28
12 Referans Kwoze  

“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.


Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa, kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo. Ngokuba laba bantu bayisizwe esingenakuqonda; owabenzayo akayukubahawukela, nowababumbayo akayukuba namusa kubo.


Ukumesaba uSimakade kuyisiqalo sobuhlakani. Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa.


Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda.’ ”


Ngabe nimbonga kanjalo uSimakade, na? Nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile, akasiye yini uyihlo anidalwanga nguye wanenza, wanimisa, na?


Ngase ngibayekelela enkanini yenhliziyo yabo, bahamba ngokuthanda kwabo.


Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli lizwe kungubuwula kuNkulunkulu. Kulotshiwe ukuthi: “Abahlakaniphileyo ubabamba ebuqilini babo,”


Bazalwane, angithandi ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo: yazini ukuthi u-Israyeli usenziwe waba lukhuni okwamanje, kuze kupheleliswe isibalo sabezizwe.


Abahlakaniphileyo bayohlazeka, badangale, babhajwe; balilahlile izwi likaSimakade, pho banakuhlakanipha kuni na?


ngakho ngizobuye ngibenzele izinto ezimangalisayo laba bantu, ezethusayo nezimangalisayo. Ukuhlakanipha kwezihlakaniphi zakhona kuzophela, nokuqonda kwabaqondayo bakhona kusitheke.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite