Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:23 - IsiZulu 2020

23 “ ‘Ngiyonqwabelisa izinhlekelele phezu kwabo ngibacibe ngemicibisholo yami:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 “ ‘Ngiyakubanqwabelela izinhlupheko, ngiqedele imicibisholo yami phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngizabuthela ububi phezu kwabo; ngiyakuchithela imicibisholo yami phezu kwabo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:23
19 Referans Kwoze  

Lapho ngibaciba ngemicibisholo yendlala elimazayo nebhubhisayo, eyakuba ngeyokubhubhisa, ngiyakuyiciba ukuba nginibhubhise; ngiyokwenza kudlange indlala kini, ngiqede nozime lwenu lwezinkwa.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kakhulu kangakanani, lapho sengithumela eJerusalema izehlulelo zami ezine ezimbi: inkemba, indlala, izilwane zasendle nobhubhane, ukuba kubhubhise izilwane nabantu okukulo!


Wangihlaba ezinsweni ngemicibisholo yomgodla wakhe.


“Kuyothi uma ungalaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso ziyokwehlela, zikusibekele.


nami ngizomelana nani, ngizakunishaya, yebo, ngokuphindwe kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.


Simakade, usandisile isizwe, sanda, wadunyiswa, wandisa yonke imingcele yezwe.


USimakade uyakumehlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli njengazo zonke izivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.


“ ‘Uma ningangilaleli nangalezi zinto, ngiyonishaya ngokuphindwe kasikhombisa ngenxa yezono zenu.


“Imicibisholo yami ngiyoyidakisa ngegazi, inkemba yami idle abantu, ngegazi lababuleweyo nabathunjiweyo, kuqala enhlokweni yabaholi bezitha.


Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, ngonyazi wabadidizelisa.


Uciba ngemicibisholo yakhe, izitha zihlakazeke; umbani ulokhu uthi nyazi, uzidudulela kude.


Imicibisholo yakho icijile, ingena enhliziyweni yezitha zenkosi, izizwe ziwa phansi kwakho.


ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo. Intukuthelo yami iyakuyivuthela le ndawo, futhi ayiyukucinywa.’


Sinemihelo ngobubi; sikhulelwe ububi, sizala amanga.


Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite