Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 32:21 - IsiZulu 2020

21 Bangenze nganesikhwele ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisa ngokuyize kwabo; ngiyobenza babe nesikhwele ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu, bangithukuthelisile ngamaze abo; ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe, ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Bangivusela umhawu ngokungesiye uNkulunkulu; bangiklolodele ngezinto zabo eziyize, futhi ngiyobenza babe nomhawu ngabangebona abantu; ngizabagcona ngesizwe esingelangqondo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 32:21
31 Referans Kwoze  

Kepha ngithi: u-Israyeli akazanga yini na? Okokuqala, uMose uthi: “Mina ngiyakunenza nibe nesikhwele ngabangesiso isizwe, nginithukuthelise ngesizwe esingenakuqonda.”


Njengalokhu esho nakuHoziya ethi: “Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami, ngokuthi yisizwe sami; nalowo ongathandiwe, ngokuthi uthandiwe;


Wahamba ezindleleni zonke zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, nasezonweni zakhe onisa ngazo u-Israyeli, bachukuluza uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo.


ngenxa yezono zonke zikaBhahasha nezendodana yakhe, u-Ela, ababezenza abonisa ngazo u-Israyeli, bachukuluza uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo ezibaziweyo.


Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo.


Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.


Bamenza waba nesikhwele ngonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso.


“Kepha abantu bakwa-Israyeli bayakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nakubalwa. Lapho bekuthiwa khona kubo: ‘Aniseyibo abantu bami,’ kuyakuthiwa kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’


Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.


Ngiyabazonda labo abakhonza onkulunkulu abayize, kodwa mina ngethembele kuSimakade.


Kanti senza iNkosi ibe nesikhwele na? Ngabe sinamandla yini kunayo na?


“Ngathi ngisaqala ukukhuluma, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengalokhu kwenzeka nakithina ekuqaleni.


Kuyezwakala izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami, livela ezweni elikude, lithi: “USimakade akekho yini eZiyoni na? Inkosi yalo ayikho yini kulo na?” “Bangichukuluzeleni ngezithombe zabo ezibaziweyo, nangokuyize kwabezizwe na?”


Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje,


Yebo, ningaphambuki nilandele izinto eziyize ezingenakunisiza nezingeke zanikhulula, ngokuba ziyize.


bathi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu njengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owadala izulu nomhlaba nolwandle, nakho konke okukukho,


“Bahlabela amadimoni angeyena uNkulunkulu, nonkulunkulu abangazange babazi, onkulunkulu abasha, abasanda kuhlangabezana nabo, nababengaziwa ngokhokho babo.


UJuda wenza okubi phambi kukaSimakade, wamenza waba nesikhwele ngaphezu kwakho konke okwakwenziwe ngokhokho babo, ngezono ababezenzile.


Badelela izimiso zakhe, isivumelwano sakhe asenza nokhokho babo nezexwayiso ayebaxwayisa ngazo, balandela okuyize. Benza okuyize, baba yize njengezizwe abazilandelayo ezazibazungezile, uSimakade ayebayale ukuba bangenzi njengazo.


“Kepha ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabondla basutha, kodwa baphinga, babuthana endlini yesifebe.


Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama yokwenzela inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwayo ukuba bachukuluze ulaka lwami.


Kunalokho wenze okubi ukwedlula bonke abakwendulela; uhambile wayozenzela onkulunkulu, nezinye izithombe ezibunjiweyo, wavusa ulaka lwami, wangitshinga nyovane.


Bashisa impepho ezindaweni zonke eziphakemeyo njengalokhu kwakwenza abezizwe uSimakade ayebaxoshile phambi kwabo. Benza izinto ezimbi, baluchukuluza ulaka lukaSimakade.


Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wabhula, wavumela abanamadlozi nabathakathi. Wenza okubi okuningi phambi kukaSimakade, wachukuluza ulaka lwakhe.


ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo. Intukuthelo yami iyakuyivuthela le ndawo, futhi ayiyukucinywa.’


abantu abahlala njalo bengichukuluza, bengikhomba, behlabela ezivandeni, beshisa impepho phezu kwezitini;


Isizwe sake sabalahla yini onkulunkulu baso, noma bengesibo onkulunkulu na? Kepha isizwe sami silulahlile udumo lwaso ngokungenanzuzo.


Nokho abantu bami bangikhohliwe, bashisela okuyize impepho; bakhubeka ezindleleni zabo, emendweni yasemandulo, ukuba bahambe ngemikhondo, nangezindlela ezingahlelwanga;


Wayeselula okufana nesandla, wangibamba ngezinwele zekhanda lami. UMoya wangiphakamisela emkhathini, phakathi komhlaba nezulu; wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema, esivalweni sesango legceke eliphakathi, elibheke enyakatho; yilapho kwakukhona isithombe somhawu, esibanga umhawu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite