Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 31:9 - IsiZulu 2020

9 UMose waloba lo mthetho, wawunika abaphristi, amadodana kaLevi ayethwala umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UMose waloba lowo mthetho, wabanika wona abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova namalunga onke akwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UMose wawuloba lo mthetho, wawunika abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 31:9
29 Referans Kwoze  

“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukwemboza indawo engcwele nempahla yonke yendawo engcwele, lapho inkambu seyithutha, kuyakuza abozalo lukaKhohathi ukuzokuthwala, kodwa abayukuthinta lutho olungcwele ngokuba bayokufa. Lezi zinto zingumthwalo wabozalo lukaKhohathi ethendeni lokuhlangana.


zayala abantu zithi: “Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu uthwelwe ngabaphristi abangabaLevi, niyakusuka endaweni yenu. Wulandeleni,


Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yiMina, ngokuba yena wabhala ngami.


UFiliphu wafumana uNathaniyeli, wathi kuye: “Simtholile lowo uMose aloba ngaye emthethweni, kanye nabaphrofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.”


Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu.


bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma umfowabo womuntu efa enomfazi, kodwa engenabantwana, umfowabo makamngene owesifazane, amvusele inzalo umfowabo ongasekho.


“Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engenamntwana, umfowabo makamngene umkakhe, amvusele umfowabo abolibo.


“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebhe mayelana no-Israyeli wonkana, oyizimiso nezehlulelo.”


Phela izindebe zomphristi kufanele zilondoloze ulwazi; abantu kumele bafune imfundiso emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaSimakade Wamabandla.


Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.


Njengokulotshiweyo emthethweni kaMose konke lokhu okubi kusehlele, nokho asincenganga ebusweni bukaSimakade uNkulunkulu wethu ukuba siphenduke ebubini bethu, siqonde iqiniso lakho.


UDavide wayesethi: “Umphongolo kaNkulunkulu mawungathwalwa muntu, kuphela abaLevi, ngokuba yibo abaqokwe nguSimakade ukuthwala umphongolo kaSimakade, nokumkhonza kuze kube phakade.”


Esefikile wonke amalunga akwa-Israyeli, abaphristi bawuphakamisa umphongolo.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abaphristi bathatha umphongolo kaSimakade.


Ngiqoqele wonke amalunga ezizwaneni zenu nezinduna zenu ukuze ngikhulume kuwo lawa mazwi, elalele, ngibiza izulu nomhlaba kube ngufakazi.


“Kuyothi lapho ehlala esihlalweni sakhe sobukhosi, azilobele ifuzela lalo mthetho, ethathisela emqulwini okubaphristi abangabaLevi.


UMose waloba ngohambo lwabo lapho besuka khona, nalapho babekanisa khona njengesiyalezo sikaSimakade. Nanka amabanga abo njengokuhamba kwabo.


UMose wawabhala wonke amazwi kaSimakade. Wavuka ekuseni ngovivi, wakha i-althare phansi kwentaba, wamisa izinsika ezili-12 ngokwezizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.


Uma inkambu ithutha, u-Aroni uyakungena namadodana akhe, behlise ikhethini elihenqile, bamboze ngalo umphongolo wobufakazi.


Bayowumboza ngaphezulu ngesikhumba samahlengethwa, bendlale indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka phezu kwaso, bese befaka izingongolo zawo.


Ngaleso sikhathi uSimakade wehlukanisa isizwana sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nokuba sime phambi kukaSimakade ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.


Bafundisa uJakobe izehlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-althare lakho.


Kwakulusuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa. U-Ezra, umphristi, wayiletha incwadi yomthetho phambi kwebandla, abesilisa, nabesifazane nabo bonke ababezwa, baqonde.


Niyogcina zonke izimiso, izehlulelo, umthetho, nemiyalo anilobela khona, futhi niyoqikelela ukuba nikwenze. Ningabesabi abanye onkulunkulu.


Wafunda kuyo ebheke ngaseshashalazini elalingaphambi kweSango Lamanzi. Waqala entathakusa kwaze kwaba semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nalabo abasebenokuqonda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite