Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 31:7 - IsiZulu 2020

7 UMose wambiza uJoshuwa, bebuka bonke abantu bakwa-Israyeli, wathi kuye: “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu uye ezweni uSimakade afunga kokhokho babo ukubanika lona. Nguwena oyakwenza ukuba balidle ifa lalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UMose wambiza uJoshuwa, wathi kuye emehlweni abantu bonke bakwa-Israyeli: “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona; wena uyakwenza ukuba balidle ifa lalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UMose wambiza uJoshuwa, wathi kuye phambi kwamehlo ka-Israyeli wonke: “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu, uye ezweni uJehova alifungela oyise ukubanika lona. Nika; futhi kumelwe ubavumele ukuba balidle njengefa.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 31:7
18 Referans Kwoze  

Kodwa yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela ehola laba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’


Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayukukulahla, akayukukushiya.”


nguJoshuwa, indodana kaNuni omi phambi kwakho, oyongena kulo. Wena mqinise, ngokuba nguyena oyokwenza u-Israyeli alidle izwe.


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Qina, ume isibindi, ngokuba nguwena oyokwenza laba bantu badle izwe engafunga koyisemkhulu ukubanika lona.


Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.” Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”


Wamgunyaza uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba nguwe ozongenisa abantu bakwa-Israyeli ezweni engafunga ngalo kubo; Mina ngizokuba nawe.”


Kepha uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, abhubhise lezi zizwe ubuka, uzidle; uJoshuwa uyowela phambi kwakho njengalokhu uSimakade eshilo.


Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu.


ummise phambi kuka-Eleyazare, umphristi, naphambi kwenhlangano yonke, umgunyaze phambi kwayo ibuka.


“Ngalokho-ke niyoyigcina yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla ukuze nibe namandla, ningene, nilidle izwe eniwelela kulo ukuba nilidle,


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwakho, zonke izinsuku zokuphila kwakho; njengoba nganginaye uMose, ngiyakuba nawe kanjalo, angiyukukuyeka, futhi angiyukukushiya.


“Mina sengizohamba indlela ehanjwa yibo bonke abaphilayo, ngakho-ke wena qina, ube yindoda.


nokuthi izwe linjani, livundile noma limpofu, linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.


Bhekani, lelo lizwe ngininika lona; ngenani nilidle, yizwe uSimakade afunga kokhokho benu, o-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe ukuthi uzobanika lona, bona nezizukulwane zabo.’


Kuyothi lapho sebehlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, leli hubo liyoba ngufakazi omelene nabo, ngokuba aliyukukhohlakala emilonyeni yozalo lwabo, lokhu ngiyayazi imicabango yabo abayicabangayo namhlanje, ngaphambi kokuba ngibangenise ezweni engafunga ngalo kubo.”


Qina, masisebenzise amandla ethu ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uSimakade makenze okuhle emehlweni akhe.”


Khona uyakuphumelela, uma ugcina izimiso nezehlulelo uSimakade ayala ngazo uMose ngo-Israyeli. Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite