Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 31:3 - IsiZulu 2020

3 Kepha uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, abhubhise lezi zizwe ubuka, uzidle; uJoshuwa uyowela phambi kwakho njengalokhu uSimakade eshilo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha uJehova uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, achithe lezi zizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa uyakuwela phambi kwakho njengokukhuluma kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJehova uNkulunkulu wakho nguyena oyakuwela phambi kwakho, achithe lezi zizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa yena uyakuphuma phambi kwenu, njengalokho eshilo uJehova.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 31:3
19 Referans Kwoze  

“Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.


Ngalolo lusuku uSimakade wamphakamisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abantu bakwa-Israyeli; bamesaba njengoba babesaba uMose izinsuku zonke zokuphila kwakhe.


“Inceku yami uMose ifile, ngakho-ke suka uwele iJordani, wena nabo bonke laba bantu, ningene ezweni engizakubabela lona abantu bakwa-Israyeli.


Wamgunyaza uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba nguwe ozongenisa abantu bakwa-Israyeli ezweni engafunga ngalo kubo; Mina ngizokuba nawe.”


Kodwa yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela ehola laba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’


Ngokuba ukuba uJoshuwa wayebafikisile endaweni yokuphumula, wayengayukuphinda akhulume ngolunye usuku.


Okhokho bethu noJoshuwa balemukela, balingenisa ezweni labezizwe azixosha phambi kobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide,


USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukuphakamisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, ukuze bazi ukuthi ngiyoba nawe njengoba nganginaye uMose.


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


USimakade wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zokuba ufe sezisondele, biza uJoshuwa, ningene ethendeni lokuhlangana ukuze ngimyale.” UMose noJoshuwa bahamba, bema ethendeni lokuhlangana.


U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengizokufa, kodwa uNkulunkulu uzokuba nani, aniphindisele ezweni lokhokho benu.


USimakade uyokwenza kuzo njengalokhu enza kuSihoni no-Ogi, amakhosi ama-Amori awabhubhisayo, kanjalo nasezweni lawo.


USimakade uNkulunkulu wenu ohamba phambi kwenu uyonilwela, njengoba enza kini eGibhithe nibuka.


“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni oya kulo ukuba ulidle, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHithi, amaGirigashi, ama-Amori, amaKhanani, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi; izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,


Njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose inceku yakhe, kanjalo noMose wayala uJoshuwa; noJoshuwa wenza kanjalo; akashiyanga nakunye kukho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite