Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 31:29 - IsiZulu 2020

29 Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyozibhubhisa ngokuphelele, futhi niyophambuka endleleni enganiyala ngayo; ububi buyakukwehlela ekupheleni kwezinsuku; ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimcunule ngomsebenzi wezandla zenu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 31:29
28 Referans Kwoze  

Kepha noma yinini lapho umehluleli efa, babebuyela emuva baziphathe kabi ngokwedlulele kunoyisemkhulu, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele. Abayekanga namunye wemikhuba yabo, nezindlela zabo zenkani.


“Bonile kuye; abaseyibo abantwana bakhe, ngenxa yesici sabo; bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.


Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo.


UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Buthanani ukuze nginitshele okuzonehlela ezinsukwini ezizayo.


Okokuqala, nidinga ukuba nazi ukuthi ngezinsuku zokugcina, kuyakufika ababhinqayo bebhinqa behamba ngokwezinkanuko zabo,


Ekugcineni kwale mihla, ukhulume kithi ngeNdodana ayimise ukuba ibe yindlalifa yakho konke, futhi owadala ngayo izwe.


Manje uMoya usho ngokucacileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, banake imimoya edukisayo nezimfundiso zamadimoni,


naphakathi kwenu kuzakuvela amadoda akhuluma okudukisayo, ayenge abafundi ukuba bawalandele.


Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke. IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe.”


Kuyokwedlula izinsuku eziningi bese uqoqwa; kuyakuthi ngeminyaka yokugcina ungene ezweni elibuyiswe enkembeni, eliqoqwe ezizweni eziningi, ezintabeni zakwa-Israyeli ezazihlala ziyincithakalo, selikhishiwe kubantu, manje sebezohlala belondekile bonke.


Maye kuwe, sizwe esonayo, bantu abasindwa ngukona, nzalo yezonakali, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uSimakade, bamdelela oNgcwele ka-Israyeli, bahlehlile bamfulathela.


Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami uyaphila, ekupheleni uyakuma othulini.


‘Usho kanje uSimakade, uthi: bhekani, ngizokwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwezakhamuzi, zonke iziqalekiso ezilotshwe encwadini efundwe phambi kwenkosi yakwaJuda,


Ekuhluphekeni kwakho, lapho wehlelwa yizo zonke lezo zinto, uyophendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe.


Umhlaba wase wonakele kakhulu phambi kukaNkulunkulu, ugcwele ubudlova.


Funa nenze okubi, nizenzele izithombe ezibaziweyo, eziwumfanekiso wowesilisa noma wowesifazane,


UMose wakhuluma wonke amazwi ehubo ibandla lonke lakwa-Israyeli lilalele.


Wathi: ‘Ngizobufihla ubuso bami kubo, ngibone ukuthi sizoba yini isiphetho sabo; ngokuba bayisizukulwane esiphambeneyo, nabantwana okungekho ukwethembeka kubo.


Uma bebehlakaniphile bebeyakukuqonda lokhu, baqonde nesiphetho sabo.


Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”


USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Phuthuma wehle, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe benze isono.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite