Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 31:23 - IsiZulu 2020

23 Wamgunyaza uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba nguwe ozongenisa abantu bakwa-Israyeli ezweni engafunga ngalo kubo; Mina ngizokuba nawe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engalifungela bona; mina ngiyakuba nawe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wayala uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, uqine, ngokuba uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engabathembisa lona ngesifungo, mina ngiyakuba nawe.”

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 31:23
15 Referans Kwoze  

USimakade wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho zokuba ufe sezisondele, biza uJoshuwa, ningene ethendeni lokuhlangana ukuze ngimyale.” UMose noJoshuwa bahamba, bema ethendeni lokuhlangana.


Okhokho bethu noJoshuwa balemukela, balingenisa ezweni labezizwe azixosha phambi kobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide,


Kodwa yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela ehola laba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’


Kepha uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, abhubhise lezi zizwe ubuka, uzidle; uJoshuwa uyowela phambi kwakho njengalokhu uSimakade eshilo.


Wathi: “Ngizokuba nawe. Lesi kuyakuba yisibonakaliso sokuthi ngikuthumile: uma usubakhiphile abantu eGibhithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”


nokuthi izwe linjani, livundile noma limpofu, linezinkuni noma qha. Yibani nesibindi, nibuye nezithelo zezwe.” Kwase kuyisikhathi sezithelo zokuqala zomvini.


Akayibonanga inhlekelele engehlela uJakobe, akabonanga nankathazo kwa-Israyeli. USimakade uNkulunkulu wabo unabo, inhlokomo yenkosi yabo iphakathi kwabo.


Wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamgunyaza, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Kwathi lapho uMose eseqedile ukuloba wonke amazwi alo mthetho encwadini,


“Mina sengizohamba indlela ehanjwa yibo bonke abaphilayo, ngakho-ke wena qina, ube yindoda.


Kodwa qina manje, Zerubhabhele,’ kusho uSimakade, ‘qina, nawe Joshuwa, ndodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, qinani nonke nina bantu bezwe,’ kusho uSimakade, ‘nisebenze ngokuba Mina nginani,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayukukulahla, akayukukushiya.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite