Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 31:19 - IsiZulu 2020

19 “Ngalokho, zilobeleni leli hubo, nilifundise abantu bakwa-Israyeli, libekeni emilonyeni yabo ukuze leli culo libe kimi ngubufakazi kubantu bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Ngalokho zilobeleni leli hubo, ulifundise abantwana bakwa-Israyeli, ulibeke emilonyeni yabo ukuba leli hubo libe ngufakazi wami ukumelana nabantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Manje zibhaleleni lelihubo, nibafundise abantwana bakwa-Israyeli; ulibeke emlonyeni wabo, ukuze lelihubo libe ngufakazi wami kubantwana bakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 31:19
18 Referans Kwoze  

Ubafundise wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni; lapho ulala, nalapho uvuka.


“Thathani le ncwadi yomthetho, niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wenu, ihlale khona, ibe ngubufakazi, imelane nani.


Lowo ongalayo, engawemukeli amazwi ami, unomehlulelayo; izwi engalikhulumayo, yilo eliyakumehlulela ngomhla wokuphela.


bese uya enkosini, ufike ukhulume kuyo kanje ...” UJowabe wamfunza amazwi okwakumele awakhulume.


UMose wakhuluma wonke amazwi ehubo ibandla lonke lakwa-Israyeli lilalele.


Niyakuwafundisa abantwana benu, ngokukhuluma ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.


Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


Noma ngabe bayalalela noma abalaleli, ngokuba bayindlu ehlubukayo, nokho bayokwazi ukuthi bekukhona umphrofethi phakathi kwabo.


USimakade wayeselula isandla sakhe, wathinta umlomo wami; uSimakade wathi kimi: “Ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.


“Mina-ke, lesi yisivumelwano sami nabo,” kusho uSimakade, “sokuthi uMoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyukusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wabantwana bakho, nasemlonyeni wezizukulwane zakho,” kusho uSimakade, “kusukela manje kuze kube phakade.”


Ngibeke amazwi ami emlonyeni wakho, ngakufihla ethunzini lesandla sami; ngeneke amazulu, ngamisa isisekelo somhlaba, ngathi eZiyoni: ‘Wena uyisizwe sami.’ ”


Uyokhuluma naye, umtshele amazwi azowakhuluma ngomlomo wakhe, ngizokuba semlonyeni wakho nakowakhe, nginifundise enizokwenza.


Mina ngiyobafulathela impela ngalolo lusuku ngenxa yabo bonke ububi ababenzileyo, lokhu bephendukele kwabanye onkulunkulu.


Lokhu makulotshelwe isizukulwane, ukuze abantu abangakazalwa bamdumise uSimakade.


“Lalelani nina mazulu, ngiyakhuluma; umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.


UJoshuwa wathi kubo bonke abantu: “Bhekani, leli litshe liyokuba ngufakazi ngathi, ngokuba lizwile wonke amazwi kaSimakade awakhulume kithi; liyoba ngufakazi ngani, uma senimphika uNkulunkulu wenu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite