Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 31:18 - IsiZulu 2020

18 Mina ngiyobafulathela impela ngalolo lusuku ngenxa yabo bonke ububi ababenzileyo, lokhu bephendukele kwabanye onkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Mina ngiyakufihla nokufihla ubuso bami ngalolo suku ngenxa yakho konke okubi abayakube bekwenzile, lokhu bephendukele kwabanye onkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngiyakufihla nokubufihla ubuso bami ngalolo suku kukho konke okubi abakwenzileyo ngokuphendukela kwabanye onkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 31:18
11 Referans Kwoze  

“Ngalokho, zilobeleni leli hubo, nilifundise abantu bakwa-Israyeli, libekeni emilonyeni yabo ukuze leli culo libe kimi ngubufakazi kubantu bakwa-Israyeli.


“Hambani ningibuzele kuSimakade, mina nabantu naye wonke uJuda, maqondana namazwi ale ncwadi etholakeleyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaSimakade esivuthelayo. Okhokho bethu abawalalelanga amazwi ale ncwadi, ukuze benze njengakho konke okulotshwe ngathi kuyo.”


Akukho namunye obiza iGama lakho, nozama ukubambelela kuwe, ngokuba ubusithibezile ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.


Awuyukwenza isivumelwano nabantu balelo lizwe. Kuyothi lapho bephinga nonkulunkulu babo, bebahlabela imihlatshelo, omunye kubo akumeme, bese udla umhlatshelo wakhe;


Wathi: ‘Ngizobufihla ubuso bami kubo, ngibone ukuthi sizoba yini isiphetho sabo; ngokuba bayisizukulwane esiphambeneyo, nabantwana okungekho ukwethembeka kubo.


Nokho ababalalelanga abehluleli babo, ngokuba baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela. Ngokushesha bachezuka endleleni abahamba kuyo oyisemkhulu, ababelalela imiyalo kaSimakade, abazange basilandele isibonelo sabo.


Ngenxa yalokho intukuthelo kaSimakade yasivuthela isizwe sakhe, welula isandla sakhe wasishaya. Izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucuza emigwaqweni; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibohli, isandla sakhe silokhu sishayile.


Yebo, awukaze ukuzwe, awukaze ukwazi, kwasemandulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi ukhohlakele, nokuthi kwasesibelethweni wabizwa ngomhlubuki.


‘AmaKhaledi azofika agcwalise le ndawo ngezidumbu zabantu engababulala ngentukuthelo yami nangolaka lwami, ngokuba ngiwufulathele lo muzi ngenxa yabo bonke ububi bawo.


Izizwe ziyakukwazi ukuthi indlu yakwa-Israyeli yaya ekuthunjweni ngenxa yokona kwayo. Ngokuba babengathembekile kimi, ngase ngibusitheza ubuso bami kubo; ngabanikela esandleni sezitha zabo, bafa bonke ngenkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite