Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 31:12 - IsiZulu 2020

12 Qoqa abantu: abesilisa, abesifazane, abantwana, nomfokazi osemzini wakho ukuze bezwe, bafunde, bamesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, baqikelele ukwenza wonke amazwi alo mthetho,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho ukuba bezwe, bafunde, bamesabe uJehova uNkulunkulu wakho, baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Buthani abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi osemasangweni enu, ukuba bezwe, bafunde, besabe uJehova uNkulunkulu wenu, bagcine ngokucophelela onke amazwi alo mthetho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 31:12
14 Referans Kwoze  

lwalunjani usuku owema ngalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe, lapho uSimakade athi kimi: ‘Ngiqoqele abantu ukuze ngibazwise amazwi ami, bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, futhi bawafundise nabantwana babo.’


Kwathi u-Ezra esakhuleka evuma izono, ekhala, ezilahle phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, isixuku esikhulu sabakwa-Israyeli sabuthana lapho, amadoda, abesifazane, nezingane, bonke babekhala kalusizi.


Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.


“Izimfihlakalo zingezikaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa okwambuliweyo kungokwethu nozalo lwethu kuze kube phakade ukuba siwenze wonke amazwi alo mthetho.”


nokuthi abantwana babo abangawaziyo bawuzwe, bafunde ukumesaba uSimakade uNkulunkulu wenu ngazo zonke izinsuku nihleli ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle.”


UJoshuwa alikho nalinye izwi angalifundanga phambi kwebandla lakwa-Israyeli, kukho konke uMose ayeyale ngakho; wabafundela bonke abesifazane, abantwana nabafokazi ababehlala phakathi kwabo.


UZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa, indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu, balilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umphrofethi, njengoba uSimakade uNkulunkulu wabo ayemthumile. Abantu besaba phambi kukaSimakade.


Baletha phambi kwethende lokuhlangana lokho uMose ayeyale ngakho, kwase kusondela yonke inhlangano yema phambi kukaSimakade.


“Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuze niphumelele kukho konke enikwenzayo.


Bonke abakwa-Israyeli, abaholi, izinduna nabehluleli babo, abafokazi naboselwa, bama ngapha nangapha komphongolo wesivumelwano sikaSimakade phambi kwabaphristi babaLevi ababethwele umphongolo. Enye ingxenye yabantu yayiphambi kwentaba iGerizimu, enye ingxenye iphambi kwentaba i-Ebhali, njengokuba uMose, inceku kaSimakade, ayebayalile ukuze babusise abantu bakwa-Israyeli njengasezikhathini ezedlule.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite