Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 30:3 - IsiZulu 2020

3 khona uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuguqula ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, uyakubuya, akuqoqe ezizweni zonke, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayekuhlakazele khona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 khona uJehova uNkulunkulu wakho uyakubuyisa ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, abuye akubuthe ezizweni zonke, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuhlakazele khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho uyakushintsha ukuthunjwa kwakho, abe nesihe kuwe, abuye, akubuthe ezizweni zonke uJehova uNkulunkulu wakho akuhlakazele kuzo.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 30:3
33 Referans Kwoze  

Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


“ ‘ “Ngiyakunithatha ezizweni, nginiqoqe emazweni wonke, nginiyise ezweni lakini.


Noma ikudabukisile, iyokuhawukela ngobukhulu bobubele bayo.


USimakade wakha iJerusalema, uqoqa abakwa-Israyeli ababexoshiwe.


Kanjalo manje laba abalalelanga, ukuze kuthi ngesihawu enenzelwe sona, nabo bahawukelwe manje.


Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo.


Nakulabo abanye uma bengaqhubekanga abangakholwa, nabo bayakuxhunywa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okubaxhuma futhi esiqwini.


“Nina zizwe, yizwani izwi likaSimakade, nilimemezele eziqhingini ezikude, nithi: ‘Owahlakaza u-Israyeli uzokumqoqa, amlondoloze njengomelusi elusa umhlambi wakhe.’


INkosi uSimakade oqoqa abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, ithi: “Ngisazoqoqela kuye nabanye ngaphandle kwalaba asebeqoqiwe.”


Kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Kuyakuvela uMhlangulisi eZiyoni, asuse ukungalungi kuJakobe.


Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.”


U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengizokufa, kodwa uNkulunkulu uzokuba nani, aniphindisele ezweni lokhokho benu.


USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.


Akuyukunamathela lutho oluqalekisiweyo esandleni sakho ukuze uSimakade aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, aniphathe ngomusa, abe nesihe kini, anandise, njengalokhu afunga kokhokho benu,


kodwa uma nibuyela kimi, nibuye nigcine imithetho yami, nenze enganiyala ngakho, ngiyoniqoqa lapho nikhona, nginibuyisele endaweni engayiqokela ukuba iGama lami lihlale kuyo, ngisho noma ngabe nisemikhawulweni yomhlaba.’


USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili.


wabaqoqa emazweni, kusukela empumalanga, entshonalanga, enyakatho, nasolwandle.


Kuyothi ngalolo lusuku uSimakade avuthulule emfuleni omkhulu, kuze kufike emfuleni eGibhithe, nina bantu bakwa-Israyeli niqoqwe ngamunye ngamunye.


Usho kanje uSimakade ngabo bonke omakhelwane bami abakhohlakele, abaqhwaga ifa engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, nendlu kaJuda ngiyisiphule phakathi kwabo.


Yishoni nithi: “Sisindise Nkulunkulu wensindiso yethu, usiqoqe, usihlenge kwabezizwe, ukuze sidumise igama lakho elingcwele, sithokoze ekukudumiseni.”


Ungesabi, ngokuba nginawe, ngiyakuletha abozalo lwakho bevela empumalanga, ngikuqoqe nasentshonalanga.


“Ngakushiya okwesikhashana, kodwa ngomusa omkhulu ngizokuqoqa.


“Mina, ngiyakuyiqoqa insali yezimvu zami emazweni wonke, lapho ngangiyixoshele khona, ngiyibuyisele emadlelweni ayo; iyakuchuma, yande.


“Ngakho-ke wothi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakuniqoqa ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazelwe kuwo, futhi ngininike izwe lakwa-Israyeli.” ’ ”


Bayakukwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wabo, ngabayisa ekuthunjweni, ngiyakubaqoqa ukuba babuyele ezweni lakubo, futhi angiyukushiya noyedwa lapho;


Uyakubuye asihawukele, anyathele iziphambeko zethu, aphonse zonke izono zethu ekujuleni kolwandle.


Ngiyakubahlwanyela phakathi kwezizwe, kodwa bayakungikhumbula besemajukujukwini, bona nezingane zabo bayakusinda, bese bebuya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite