Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 30:19 - IsiZulu 2020

19 “Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngofakazi ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuze niphile, wena nenzalo yakho,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 “Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kufakaze ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; khethani ukuphila, ukuze niphile wena nenzalo yakho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 30:19
33 Referans Kwoze  

“Bheka, ngibeka namuhla phambi kwakho, ukuphila nenqubekela phambili, ukufa nokubi,


“Bheka, ngibeka phambi kwenu namuhla isibusiso nesiqalekiso.


Ngiyikhethile indlela yeqiniso; izehlulelo zakho ngizibeke phambi kwami.


Kodwa lowo owehluleka ukungifumana, uzigwaza ngowakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”


“Kuyothi lapho zonke lezi zinto, izibusiso neziqalekiso engizibeke phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayokudingisela khona,


Kepha kunye okudingekileyo; uMariya ukhethe okuyikhona kungcono, angayukwephucwa khona.”


Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKhristu uJesu nezingelosi ezikhethiweyo, ukuba ulondoloze lezi zinto, ungabandlululi, futhi ungenzi lutho ngokukhetha.


ngiyakubanika nhliziyonye nandlelanye, ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.


ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngufakazi ngani namuhla, ukuthi niyakuqothulwa niphele masinyane ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle. Izinsuku zenu aziyukwanda kulo, niyakuqothulwa nokuqothulwa.


Isandla sakho masibe lusizo kimi, ngokuba ngikhethe iziyalezo zakho.


Ngokuba isithembiso singesenu nesabantwana benu, futhi singesabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”


Ngiqoqele wonke amalunga ezizwaneni zenu nezinduna zenu ukuze ngikhulume kuwo lawa mazwi, elalele, ngibiza izulu nomhlaba kube ngufakazi.


Ubufakazi bakho buyifa lami laphakade, ngokuba buwukuthokoza kwenhliziyo yami.


“Lalelani nina mazulu, ngiyakhuluma; umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.


Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile.


ngenxa yokuba bazonde ulwazi, bakhetha ukungamesabi uSimakade.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Kubathenwa abagcina amasabatha ami, nabakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami;


kodwa ungadli kwezomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, ngokuba mhla wadla kuwo, uyokufa nokufa.”


“Manje-ke, Israyeli, yizwani izimiso nezehlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona.


Ngalokho niyoqaphela ukuba nizigcine, ngokuba lokhu kuyoba ngukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzwa ngazo zonke lezi zimiso, futhi ziyakuthi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondayo.’


engikuyala ngakho namuhla ukuba umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine imiyalo yakhe, izimiso zakhe, nezehlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo, ukulidla.


“Uyakuthi kulaba bantu: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: Ngibeka phambi kwakho indlela yokuphila nendlela yokufa.


“Kuyothi lapho sewuzele abantwana, nabo bazala ababo, senihlale isikhathi eside ezweni, bese nona, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise,


ukuze umesabe uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho nendodana yendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandiswe imihla yakho.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo lusuku, ngiyakubashiya, ngibafulathele; bayakudliwa, behlelwe yizinhlekelele nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo lusuku: ‘Lezi zinhlupheko azisehlelanga yini ngoba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


Izinsuku zakho ziyokwanda ngami, kwenezelwe neminyaka yokuphila kwakho.


Endleleni yokulunga kunokuphila, emikhondweni yakho akukho ukufa.


Nginitshelile namuhla, kodwa anililaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngisho nokukodwa nje angithume khona kini.


Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite