Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 30:17 - IsiZulu 2020

17 “Kepha uma uyifulathelisa inhliziyo yakho ungalaleli; uyengeke ukuba ukhuleke kwabanye onkulunkulu, ubakhonze,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “Kepha uma inhliziyo yakho iphenduka ukuze ungezwa, kepha uyengwe, ukhuleke kwabanye onkulunkulu, ubakhonze,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kepha uma inhliziyo yakho iphambuka, ungalaleli, udonswe, ukhonze abanye onkulunkulu, ubakhonze;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 30:17
16 Referans Kwoze  

Bazalwane, qaphelani ukuba kungabi bikho nakoyedwa inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo,


Bayakufulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.


Ukweduka kwabangenamqondo kuyakubabulala, nokudembesela kweziwula kuyozibhubhisa.


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Umuntu ohlehlayo uyothola umvuzo wezindlela zakhe, kodwa olungileyo uvuna akutshalileyo.


Babevela ezizweni ayeshilo ngazo uSimakade kubantu bakwa-Israyeli, wathi: “Ningahambi phakathi kwabo, nabo bangahambi phakathi kwenu, ngokuba bayakuziphambukisa impela izinhliziyo zenu, bese zilandela onkulunkulu babo.” Kepha uSolomoni wanamathela kubo, wabathanda.


Kodwa uma nenza okubi niyobhubha nenkosi yenu.”


Akayukuthola abafazi abaningi, funa inhliziyo yakhe ihlubuke, futhi angabi nesiliva negolide eliningi.


Uma nibuyela emuva ningamlandeli, uyophinde abashiye ehlane, nibhubhise bonke laba bantu.”


engikuyala ngakho namuhla ukuba umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine imiyalo yakhe, izimiso zakhe, nezehlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo, ukulidla.


ngiyaqinisa kini namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha; izinsuku zenu aniyukuzandisa ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo, nilidle.


“Qaphelani funa inhliziyo yenu ikhohliseke, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele,


Bafika ozalweni lukaRubeni nolukaGadi nasengxenyeni yesizwana sakwaManase kwaGileyadi, bathi kubo:


Yebo, ningaphambuki nilandele izinto eziyize ezingenakunisiza nezingeke zanikhulula, ngokuba ziyize.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite