Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 3:28 - IsiZulu 2020

28 Kodwa yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela ehola laba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Kepha yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela phambi kwalaba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kodwa yala uJoshuwa, umkhuthaze, umqinise, ngoba yena uzachapha phambi kwalababantu, njalo uzabenza balidle ilifa lelizwe ozalibona.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 3:28
18 Referans Kwoze  

Kepha uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, abhubhise lezi zizwe ubuka, uzidle; uJoshuwa uyowela phambi kwakho njengalokhu uSimakade eshilo.


Wamgunyaza uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba nguwe ozongenisa abantu bakwa-Israyeli ezweni engafunga ngalo kubo; Mina ngizokuba nawe.”


UMose wambiza uJoshuwa, bebuka bonke abantu bakwa-Israyeli, wathi kuye: “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu uye ezweni uSimakade afunga kokhokho babo ukubanika lona. Nguwena oyakwenza ukuba balidle ifa lalo.


nguJoshuwa, indodana kaNuni omi phambi kwakho, oyongena kulo. Wena mqinise, ngokuba nguyena oyokwenza u-Israyeli alidle izwe.


Okhokho bethu noJoshuwa balemukela, balingenisa ezweni labezizwe azixosha phambi kobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide,


Ngokuba ukuba uJoshuwa wayebafikisile endaweni yokuphumula, wayengayukuphinda akhulume ngolunye usuku.


Umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kweza ngoJesu Khristu.


UDavide wayesethi kuSolomoni, indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, wenze lokhu. Ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe. Akayukukuyeka, akayukukushiya, uze uphele wonke umsebenzi wokwakha le ndlu kaSimakade.


Wayesebiza uSolomoni, indodana yakhe, wamyala ukuba akhele uSimakade indlu.


“Inceku yami uMose ifile, ngakho-ke suka uwele iJordani, wena nabo bonke laba bantu, ningene ezweni engizakubabela lona abantu bakwa-Israyeli.


“Nami uSimakade wangithukuthelela ngenxa yenu, wathi: ‘Nawe awuyukungena kulo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite