Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 3:11 - IsiZulu 2020

11 Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba u-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, wasala ensalini yamaRefa; bheka, ibhokisi lakhe laliyibhokisi lensimbi; angithi liseRaba kubantwana bakwa-Amoni; ubude balo babuyizingalo eziyisishiyagalolunye, nobubanzi balo buyizingalo ezine, ngokwengalo yomuntu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, owasala ensalini yamaRefa; bheka, umbhede wakhe wawungumbhede wensimbi; Kalikhona yini eRabbathi labantwana bakoAmoni? babuyizingalo eziyisishiyagalolunye ubude, nezingalo ezine ububanzi, ngokwengalo yomuntu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 3:11
15 Referans Kwoze  

okuthe ngonyaka weshu-14, uKhedoloma namakhosi ayebambisene nawo bahlasela amaRefa e-Ashitherothi Karinayimu, amaZuzi eHamu, ama-Emi eShave Kiriyathayimi,


Ngakho-ke bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi eRabha labakwa-Amoni. Liyophenduka indunduma yencithakalo, imizana yalo ishiswe ngomlilo; u-Israyeli uyokwephuca labo ababedle ifa lakhe,” kusho uSimakade.


UJowabe wahlasela iRabha labakwa-Amoni, wadla umuzi wasebukhosini.


“Kodwa Mina ngawabhubhisa ama-Amori phambi kwabo, ayemade njengemisedari, eqine njengemi-okhi, ngaqeda nya ngesithelo sawo kusukela phezulu nangezimpande zawo phansi.


Ngakho-ke ngiyakuthungela ngomlilo ugange eRabha, uyakungqongqisa izinqaba zalo, kuyozwakala ngeziqubulo nobumayemaye ngosuku lwempi, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


Enye indlela okuzofika ngayo inkemba, uyenze eRabha labakwa-Amoni nakwaJuda eJerusalema elibiyelweyo.


Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukuyohlasela izitha zawo, uDavide wathumela uJowabe nezinceku zakhe no-Israyeli wonke, ukuba bayoshaya babhuqe kubantu bakwa-Amoni. Balivimbezela iRabha, nokho uDavide wayeseJerusalema ngaleso sikhathi.


Kwaphuma enkanjini yamaFilisti iqhawe elikhulu, igama lalo kunguGoliyathi waseGathi. Ubude bakhe babungamakhubhithi ayisithupha nesandla.


Nalelo kwakuthiwa yizwe lamaRefa, ngoba amaRefa ahlala kulo kuqala. Abakwa-Amoni babewabiza ngokuthi ngamaZamuzumi,


Nabo njengama-Anaki, kwakuthiwa ngamaRefa, kodwa abakwaMowabi babebabiza ngama-Emi.


Walukala nogange lwawo, lwalungamakhubhithi ayi-144, ngokulinganisa kwengelosi, okungokwabantu futhi.


nenkosi u-Ogi waseBhashani, owayengomunye wamaRefa okugcina owahlala e-Ashitharothi nase-Edreyi,


wonke umbuso ka-Ogi eBhashani, owayebusa e-Ashitharothi nase-Edreyi; nguyena kuphela owayesasele kumaRefa; bonke laba uMose wabanqoba, wabaxosha.


IRabha ngiyakulenza libe yidlelo lamakameli, abakwa-Amoni babe yindawo yokubuthisa izimvu, niyakukwazi ukuthi nginguSimakade.


Uzowakha kanje: ubude bawo bube ngamakhubhithi angama-300, ububanzi bube ngamakhubhithi angama-50, kuthi ukuphakama kwawo kube ngamakhubhithi angama-30.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite