Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 29:6 - IsiZulu 2020

6 Anidlanga sinkwa, aniphuzanga wayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Anidlanga isinkwa, aniphuzanga iwayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Anidlanga sinkwa, niphuze iwayini noma okuphuzwayo, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 29:6
14 Referans Kwoze  

Wakuthobisa, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungayazi, nababengayazi ngisho okhokho bakho ukuze akwenze wazi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa, kodwa ngakho konke okushiwo nguSimakade; yilokho umuntu aphila ngakho.


Ningadakwa yiwayini, ngokuba kulo kuvela ukuhuheka, kodwa nigcwaliswe ngoMoya,


baphuza okufanayo komoya, ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo, lelo dwala lalinguKhristu.


Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo bakwenza lokho ukuze bathole umqhele ophelayo, kodwa thina ukuba sithole umqhele ongapheliyo.


Lapho belambile, wabanika isinkwa esivela ezulwini, waqhumisa isiphethu edwaleni, ukuze baqede ukoma. Wabatshela ukuba bangene ezweni owawubethembise lona ngesifungo, ukuthi uyobanika lona.”


“Thatha intonga, uqoqe inhlangano, wena no-Aroni umfowenu, ukhulume edwaleni phambi kwamehlo abo ukuba liveze amanzi alo. Uyakubavezela amanzi edwaleni, uyinike inhlangano nezinkomo zayo okokuphuza.”


Futhi awusingenisile ezweni elichichima ubisi noju, awukasiniki ifa lethu lamasimu nezivini; usuzama ukukhohlisa laba bantu na? Ngeke neze sikhuphuke.”


Abantu bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engama-40, baze bafinyelela ezweni okwakhiwe kulo; bayidla imana baze bafika emngceleni weKhanani.


“Ngikuzwile ukukhononda kwabantu bakwa-Israyeli; khuluma kubo, uthi: ‘Ngakusihlwa niyakudla inyama, ekuseni nizitike ngesinkwa; niyokwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”


“Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi, inkosi yaseBhashani, baphuma bazolwa nathi, kodwa sabanqoba.


USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela kithi, samnqoba, yena namadodana akhe nabantu bakhe bonke.


“USimakade uNkulunkulu wethu wamnikela esandleni sethu u-Ogi, inkosi yaseBhashani nabantu bakhe bonke; sabacekela phansi ngenkemba, akwaze kwasala muntu.


Sayibhubhisa yaphela nya, njengalokhu senza kuSihoni, inkosi yaseHeshibhoni, sayishaya sayiqothula yonke imizi enamadoda, abesifazane, nezingane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite