Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 29:25 - IsiZulu 2020

25 “Kuyothiwa ngalokho: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo asenza nabo mhla ebakhipha eGibhithe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 “Bese kuthiwa: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wawoyise asenzayo nabo ekubakhipheni kwakhe ezweni laseGibithe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Khona-ke abantu bayakuthi: “Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wawoyise asenza nabo ekubakhiphani kwakhe ezweni laseGibithe.”

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 29:25
20 Referans Kwoze  

esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo mhla ngibabamba ngesandla ngibakhipha eGibhithe; ngokuba abasigcinanga isivumelwano sami, nami angibanakanga,” kusho iNkosi.


Bonke ababafumanayo babashwabadela; abamelene nabo bathi: ‘Asinacala, ngokuba yibo abonile kuSimakade; ikhaya labo lokulunga, uSimakade, ithemba lokhokho babo.’


esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo; mhla ngibabamba ngesandla, ngibakhipha eGibhithe; isivumelwano sami abasephula noma ngangiyinkosi yabo,” kusho uSimakade.


Bayophendula ngalokho, bathi: ‘Kungokuba basishiyile isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wabo, bakhuleka kwabanye onkulunkulu, babakhonza.’ ”


Ngangibathukuthelele abantu bami, ngangcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.


bahamba bayokhonza abanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, onkulunkulu ababengabazi, futhi abangahlukaniselwanga bona,


“Bayophendula bathi: ‘Kungenxa yokuba bamshiya uSimakade uNkulunkulu wabo owakhipha okhokho babo eGibhithe, base benamathela kwabanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, babakhonza, ngakho-ke uSimakade wehlisele le nhlekelele phezu kwabo.’ ”


Abakwa-Israyeli babenza ngasese izinto ezingalungile phambi kukaSimakade uNkulunkulu wabo; bazakhela izindawo eziphakemeyo emizini yabo yonke, kusukela embhoshongweni wabalindi, kuze kube semizini ebiyelweyo.


Badelela izimiso zakhe, isivumelwano sakhe asenza nokhokho babo nezexwayiso ayebaxwayisa ngazo, balandela okuyize. Benza okuyize, baba yize njengezizwe abazilandelayo ezazibazungezile, uSimakade ayebayale ukuba bangenzi njengazo.


ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo. Intukuthelo yami iyakuyivuthela le ndawo, futhi ayiyukucinywa.’


Wayihlubuka futhi nenkosi uNebukhadinezari eyayimfungisile ngoSimakade, wayenza lukhuni intamo yakhe, nenhliziyo yakhe wayenza lukhuni, akaze aphendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


“Maye, kinina enishiya uSimakade, nikhohlwe yintaba yami engcwele, enihlelela iNhlanhla itafula, nenigcwalisela uMiselo iwayini elixhutshanisiweyo;


Uyakuthi kubo: ‘Kungenxa yokuthi okhokho benu bangishiya,’ kusho uSimakade, ‘balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, bakhuleka kubo, bangishiya, abawugcinanga umthetho wami.


Nakuba le ndlu iphakeme kangaka, kodwa bonke abayodlula ngakuyo bayomangala, banximfe, bathi: ‘USimakade wenzeleni okunje kuleli lizwe nakule ndlu na?’


Bakhonza izithombe ezibaziweyo zabezizwe, ezaphenduka zaba wugibe kubo.


“Izizwe eziningi ziyokwedlula kulo muzi, kube yileso naleso sithi kwesinye: ‘USimakade ukwenzeleni okunje kulo muzi omkhulu na?’


ngenxa yobubi babo ababenzayo, bachukuluza ulaka lwami, ngokuhamba bayoshisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu abangazange babazi bona, nani, nokhokho benu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite