Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 29:24 - IsiZulu 2020

24 Yebo, zonke izizwe ziyothi: ‘USimakade wenzeleni kanje kuleli lizwe na? Kungani ukuvutha kwalolu laka kukukhulu kangaka na?’

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 yebo, bonke abantu bayakuthi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe na? Kuthini ukuvutha kwalolu laka olukhulu na?’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Futhi zonke izizwe ziyakuthi: Kungani uJehova enze lokhu kuleli zwe na? kusho ukuthini ukushisa kwalolu laka olukhulu?

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 29:24
16 Referans Kwoze  

Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


Amakhosi omhlaba, nazo zonke izakhamuzi zawo, azikholwanga ngukuthi izitha nabamelene neJerusalema babengangena emasangweni alo.


“Maye, kinina enishiya uSimakade, nikhohlwe yintaba yami engcwele, enihlelela iNhlanhla itafula, nenigcwalisela uMiselo iwayini elixhutshanisiweyo;


Kuyakuthi lapho nithi: ‘USimakade uNkulunkulu wenu ukwenzeleni kithi konke lokhu na?’ Ubatshele, uthi: ‘Njengalokhu ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo-ke niyakukhonza eningabaziyo ezweni elingesilo elenu.’ ”


“Kuyakuthi lapho ubatshela laba bantu wonke lawa mazwi, bayokuthi kuwe: ‘USimakade ukhulumeleni wamelana nathi, ngayo yonke le nhlekelele enkulu kangaka na? Buyini ububi bethu na? Siyini isono esone ngaso kuSimakade uNkulunkulu wethu na?’


Induna yabalindi yamthatha uJeremiya, yathi kuye: “USimakade uNkulunkulu wakho ukhulumile konke lokhu okubi ngale ndawo,


Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngalokhu.


Badelela izimiso zakhe, isivumelwano sakhe asenza nokhokho babo nezexwayiso ayebaxwayisa ngazo, balandela okuyize. Benza okuyize, baba yize njengezizwe abazilandelayo ezazibazungezile, uSimakade ayebayale ukuba bangenzi njengazo.


ngokuba abalalelanga izwi likaSimakade uNkulunkulu wabo, kepha beqa isivumelwano sakhe; nakho konke ayeyale ngakho uMose, inceku kaSimakade, kabavumanga ukukulalela nokukwenza.


esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo; mhla ngibabamba ngesandla, ngibakhipha eGibhithe; isivumelwano sami abasephula noma ngangiyinkosi yabo,” kusho uSimakade.


“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngizokwenza uvune okutshalileyo, udelele isifungo ngokwephula isivumelwano.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite