Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 29:22 - IsiZulu 2020

22 “Isizukulwane senu, abantwana benu eniyobazala, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakubona izinhlupheko zaleso sizwe, nobhubhane uSimakade alithele ngalo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “Isizukulwane esizayo, abantwana benu abayakuvela emva kwenu, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakusho, lapho bebona izinhlupheko zaleso sizwe, nezifo uJehova aligulise ngazo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Yilokhu okuyakushiwo isizukulwane esizayo sabantwana benu esiyakuvela emva kwenu, nomfokazi ovela ezweni elikude, lapho zibona izinhlupho zalelo zwe nezifo uJehova azibeke phezu kwalo;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 29:22
9 Referans Kwoze  

Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


Kepha uma uveza ameva namakhakhasi, awunamsebenzi walutho, futhi kusele kancane ukuba uqalekiswe, ngokuba isiphetho sawo ngukushiswa.


“U-Edomi uyakuba yinto esabekayo, kuthi bonke abedlulayo bamangale, banximfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.


Ngenxa yentukuthelo kaSimakade aliyukuhlalwa muntu, kodwa lonke liyakuba yincithakalo. Bonke abadlula eBhabhele bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlekelele zalo.


USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini.


Lo muntu makabe njengemizi uSimakade ayigumbuqela ngokungenasihawu, makezwe ukukhala ekuseni, nokumemeza kokwethuka ngesikhathi sasemini,


Njengokuchithwa kweSodoma neGomora, nemizi eyakhe ngakhona; akuyukuhlala muntu lapho, nendodana yomuntu ayiyukugogobala khona,” kusho uSimakade.


“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, abantu bakwa-Amoni bafane neGomora, izwe lembabazane nemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade. Insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite