Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 29:21 - IsiZulu 2020

21 USimakade uyakumehlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli njengazo zonke izivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJehova uyakumahlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli njengeziqalekiso zonke zesivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UJehova uyakumahlukanisela okubi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli njengazo zonke iziqalekiso zesivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 29:21
12 Referans Kwoze  

“Labo-ke bayakuhamba, baye ekujezisweni okuphakade; kodwa abalungileyo, bayakuya ekuphileni okuphakade.”


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


Zonke izizwe ziyakubuthelwa phambi kwayo; ihlukanise abanye kwabanye, njengomelusi ehlukanisa izimvu nezimbuzi.


iyinqamule kabili, iyabele isabelo sayo nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.”


Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”


Isandla sami siyakumelana nabaphrofethi ababona okuyize nababhula amanga. Abayukuba semkhandlwini wabantu bami, ngeke balotshwe encwadini yendlu yakwa-Israyeli, futhi abayukungena ezweni lakwa-Israyeli, niyakukwazi ukuthi Mina ngiyiNkosi uSimakade.


uma nje ulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, ugcina imiyalo nezimiso zakhe ezilotshwe kule ncwadi yomthetho, uphendukela kuSimakade uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.


“ ‘Ngiyonqwabelisa izinhlekelele phezu kwabo ngibacibe ngemicibisholo yami:


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nolaka lwami kwathululelwa phezu kwababakhe eJerusalema, ngizothululela ulaka lwami kini uma niya eGibhithe. Niyokuba yisithuko nento esabekayo, isiqalekiso nehlazo, ngeke neze nisayibona le ndawo.’


uSimakade uyakwenza ubhubhane lwakho ukuba lumangalise, nobhubhane lozalo lwakho, ubhubhane olukhulu oluhlala isikhathi eside nesifo esinzima esihlala isikhathi eside.


Konke ukugula nalo lonke ubhubhane okungalotshiwe encwadini yalo mthetho, lokho uSimakade uyakukuletha phezu kwakho, uze ubhujiswe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite