Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:9 - IsiZulu 2020

9 “USimakade uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengoba afunga kuwe, uma ugcina imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho, uhamba ezindleleni zakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “UJehova uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengokufunga kwakhe kuwe, uma uyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJehova uyakunenza nibe yisizwe esingcwele kuye, njengalokho akuthembisa ngesifungo, uma nigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nihamba ezindleleni zakhe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:9
17 Referans Kwoze  

Ngokuba uyisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wakho. USimakade uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe esiyifa lakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme.


Akuyukunamathela lutho oluqalekisiweyo esandleni sakho ukuze uSimakade aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, aniphathe ngomusa, abe nesihe kini, anandise, njengalokhu afunga kokhokho benu,


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, azihlambululele isizwe esingesakhe, esinokushisekela imisebenzi emihle.


Bayobizwa ngokuthi ngabantu abangcwele, abahlengiweyo bakaSimakade. Wena uyothiwa Ofuniweyo, uMuzi Ongashiywanga.


ukuba ngifeze isifungo engasifunga kokhokho benu, sokubanika izwe elichichima ubisi noju,” njengoba kwenzeka namuhla.’ ” Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Simakade.”


Ngizobabuyisela abehluleli bakho njengakuqala, nabeluleki bakho njengasekuqaleni. Emveni kwalokho uyobizwa ngomuzi wobuqotho, umuzi othembekileyo.


Kuyothiwa ngeZiyoni: “Yilo, nalo bazalelwa khona, Ophezukonke uyaliqinisa.”


Kepha iNkosi ithembekile, iyakuniqinisa, inilondoloze komubi.


Kepha kwaba ngenxa yokuba uSimakade enithanda, nangokuba wayegcina isifungo ayesenze nokhokho benu. USimakade unikhiphe ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yobugqila nasesandleni sikaFaro, inkosi yaseGibhithe.


Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.


Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite