Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:7 - IsiZulu 2020

7 “USimakade uyozenza izitha ezikuvukelayo ukuba zehlulwe phambi kwakho, ziyakuza kuwe zivela ngasendaweni eyodwa, kodwa ziyakubaleka ngezindlela eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye, zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; bayakuphumela kuwe ngandlelanye, bakubaleke ngezindlela eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:7
21 Referans Kwoze  

Izitha zakhe ngiyozichoboza ebuka, ngibhubhise abamzondayo.


UJehoshafathi wahlala eJerusalema, kodwa kamuva wabuye waphuma wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBheri Sheba kuya kwelezintaba kwa-Efrayimi; wababuyisela abantu kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Abanye baphuma emzini babhekana nabo. Ngaleyo ndlela abakwa-Israyeli babavimbezela nxazonke bababulala, akwaze kwasinda muntu.


“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.


UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.


Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?


“Uyakubusiswa ekungeneni kwakho, ubusiswe nasekuphumeni kwakho.


“USimakade uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho, ezinqolobaneni zakho nakukho konke okwenzayo, uyakukubusisa ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.


Basuka kuhwalala, baya enkanjini yabase-Aramu; sebefike emaphethelweni enkambu yabase-Aramu, bafica kungekho muntu lapho.


Ngazilimaza, azakwazi ukuvuka, zawa phansi kwezinyawo zami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite