Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:64 - IsiZulu 2020

64 “USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

64 “UJehova uyakukuhlakazela phakathi kwabantu bonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba, ukhonze lapho abanye onkulunkulu ongabaziyo, wena nawoyihlo, imithi namatshe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

64 UJehova uyakunihlakaza phakathi kwabantu bonke, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye; lapho niyokhonza abanye onkulunkulu enaningabazi wena nawoyihlo, imithi namatshe.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:64
27 Referans Kwoze  

Nina ngiyakunihlakazela phakathi kwezizwe, ngithumele inkemba emva kwenu, izwe lakini liyakuba yincithakalo, nemizi yenu ibe ngamabibi.


Ngakho-ke ngizonixosha kuleli lizwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nokhokho benu. Lapho niyakukhonza abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyukuniphatha ngobubele.’


Khumbula owakusho kuMose lapho uthi: ‘Uma ningihlubuka ngizonihlakazela phakathi kwezizwe,


“USimakade uyokuyisa, wena nenkosi oyibeke phezu kwakho, esizweni wena nokhokho bakho eningasazi, niyokhonza lapho abanye onkulunkulu bokhuni nabamatshe.


Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke. IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe.”


“U-Israyeli ungumhlambi ohlakazekile; izingonyama zimxoshile. Eyokuqala emudlile, yinkosi yase-Asiriya, eyokugcina eqhoboze amathambo akhe, yinkosi yaseBhabhele.”


Bheka, namuhla usungixoshile emhlabeni, sengingumhambuma nozulane ezweni, ngethuswa wubala, noma ngubani ohlangana nami uzofuna ukungibulala.”


“Ake ubuze izinsuku ezidlulileyo ezaziphambi kwakho, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo abantu emhlabeni, kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye, ukuthi kukhona yini okufana nale nto engaka okwake kwenzeka, futhi kukhona yini okwake kwezwakala okufana nakho na?


bahamba bayokhonza abanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, onkulunkulu ababengabazi, futhi abangahlukaniselwanga bona,


“Kuyothi lapho zonke lezi zinto, izibusiso neziqalekiso engizibeke phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayokudingisela khona,


“Bahlabela amadimoni angeyena uNkulunkulu, nonkulunkulu abangazange babazi, onkulunkulu abasha, abasanda kuhlangabezana nabo, nababengaziwa ngokhokho babo.


Ngathi: “Ngizobavithiza babe yizicucu ngiqede ukukhunjulwa kwabo kubantu,”


Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kukaHosheya, inkosi yase-Asiriya, yalinqoba iSamariya, yathumba u-Israyeli, yamyisa e-Asiriya, yambeka eHala, eHabhori ngasemfuleni iGozani nasemizini yamaMede.


Inkosi yaseBhabhele yabashaya, yababulalela khona eRibhila, eHamathi. UJuda waya ekuthunjweni esuswa ezweni lakubo.


Usenze safana nezimvu zokuhlatshwa, wasihlakazela phakathi kwezizwe.


uSimakade aze adedisele kude abantu, nencithakalo ibe nkulu ezweni.


Ngiyakubahlakaza phakathi kwezizwe abangazazi, bona nokhokho babo, ngibalandelise ngenkemba, ngize ngibaqede nya.”


Ngiyakukwenza ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba kuphenjwe umlilo olakeni lwami; uyakunishisa.”


UJuda usekuthunjweni, ngenxa yokuhlupheka nangenxa yobugqila obukhulu; uhlala phakathi kwezizwe, akakutholi ukuphumula. Bonke abamxoshayo, bamficile phakathi kobuhlungu.


Ngaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngibahlakazele ezizweni, ngibasabalalisele emazweni.


Ngabahlakazela ezizweni, basatshalaliselwa emazweni; ngabehlulela ngangokuziphatha kabi kwabo nangezenzo zabo.


“ ‘Ngiyakubaphephulela kude kuzo zonke izizwe abangazazi. Izwe selisele liyincithakalo, akekho odlulayo nobuyayo kulo, ngokuba izwe elihle balenze laba yincithakalo.’ ”


aniyukumvumela, aniyukumlalela; iso lakho aliyukumdabukela, aniyukumyeka, futhi aniyukumfihla,


“Ngokuba bheka, ngiyakukhipha umyalo, nginyakazise indlu yakwa-Israyeli phakwathi kwezizwe zonke, njengokunyakaziswa kwesihlungo kuhlungwa, kodwa kungabi bikho okusanhlamvu okuwela emhlabathini.


“Hlabelela ngokujabula, uthokoze, ndodakazi yaseZiyoni, ngokuba ngiyeza, ngiyakuhlala phakathi kwakho,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite