Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:63 - IsiZulu 2020

63 Kuyothi njengalokhu uSimakade wayejabula ngani ukuba anenzele okuhle nokunenza nande, kanjalo uSimakade uyojabula ngani lapho esenibhubhisa, nishatshalaliswe, nidwengulwe ezweni eningena kulo ukuba nilidle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

63 Kuyakuthi njengalokho uJehova wayejabula ngani ukunenzela okuhle nokunandisa, kanjalo uJehova ajabule ngani ukwenza ukuba nibhubhe, niqothulwe, nisishulwe ezweni eningena kulo ukulidla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

63 Futhi njengalokho uJehova ethanda kini ukunenzela okuhle nokunandisa; ngalokho uJehova uyakujabula ngani ukuba anibhubhise, anibhubhise; niyakusishulwa ezweni eningena kulo ukulidla.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:63
29 Referans Kwoze  

Ngakho-ke nami ngiyonihleka usulu ngesikhathi nehlelwa yinhlekelele, nginiklolodele lapho senigcwele uvalo.


Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli lizwe, ngayo yonke inhliziyo yami, nangawo wonke umphefumulo wami.


USimakade uNkulunkulu wakho unawe, iqhawe eliyakukunqobisa. Uyakukujabulela kakhulu wena, athule othandweni lwakhe, akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”


“ ‘Intukuthelo yami iyakuphela-ke, nganelise ulaka lwami ngabo. Ngiyakuphindisela kubo. Bayakukwazi-ke ukuthi Mina Simakade, ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengikuphelelisile ukuthukuthela kwami kubo.


Ngakho-ke iNkosi uSimakade Wamabandla, uSomandla ka-Israyeli, uthi: “Impela ngizothululela ulaka lwami ezitheni zami, ngiziphindiselele kuzo.


USimakade uNkulunkulu wakho uyokwenza uphumelele kuyo yonke imisebenzi oyenzayo, isithelo sesibeletho sakho, esemfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uSimakade uyobuye athokoze ukuba anichumise njengokuba athokoza ekuchumiseni okhokho bakho,


Kepha kufanele sijabule, sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, manje useyaphila; ubelahlekile, kodwa usetholakele.’ ”


Ngubani onguNkulunkulu njengawe othethelela ukona, ayekelele isiphambeko sensali eyifa lakhe; akahlali ethukuthele ingunaphakade ngokuba uthokozela umusa.


“Kuthe ngisacabanga ngezimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, kwathi izimpondo ezintathu zokuqala ezazingaphambi kwalo zabhonculwa, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma ngokuzigqaja.


“Batshele, uthi kubo: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, angithokoziswa ngukufa komubi, kodwa ngithokoza uma isoni siphenduka endleleni yaso, siphile. Phendukani, nishiye izindlela zenu ezimbi, nina ndlu yakwa-Israyeli niyakufelani na?’


“Uyakukhuluma kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uthi: bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukubhidliza, nalokho engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, kulo lonke izwe.


‘Uma niphenduka, niyakuhlala nokuhlala kuleli lizwe, ngiyakunakha nginganidilizi, ngiyakunitshala nginganisiphuli, ngokuba ngiyadabuka ngokubi engikwenzile kini.


Isigodi sonke; lapho kugcwele khona izidumbu, nalapho kulahlwa khona umlotha, nawo wonke amasimu, kuze kube semfudlaneni iKidroni, kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga; kuyakuba ngcwele kuSimakade, kungabe kusasishulwa, noma kubhidlizwe, kuze kube phakade.”


“Kuyakuthi njengalokhu ngangibaqaphile ukuze ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibabhubhise, ngibalimaze, kanjalo-ke ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” kusho uSimakade.


Amehlo ami ngiyakuwabhekisa kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli lizwe; ngibakhe ngingababhidlizi, ngibatshale ngingabasiphuli.


Ngesinye isikhathi ngiyakukhuluma ngesizwe nangombuso ukuthi ngizowusiphula, ngiwudilize, ngiwubhubhise,


Njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe, nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe, uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.


USimakade uNkulunkulu wakho uyozixosha lezi zizwe phambi kwakho kancane kancane; awuyukwazi ukuziqeda masinyane, funa izilwane zasendle zande zibe ziningi kunani.


“Ngizobashaya ngibaqothule ebusweni bomhlaba abantu engibadalileyo. Abantu nezilwane, izilwane ezihuquzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngikudaleleni.”


Umuhle Wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.


Kepha izikhohlakali ziyakunqunywa ezweni, nabangethembekile bayosishulwa kulo.


USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.


Ngase ngithi: “Nkosi, kuyoze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, izindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba ube yincithakalo neze,


bathi kuJeremiya, umphrofethi: “Ake sethule ukunxusa kwethu kuwe; sikhulekele kuSimakade uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sesisele siyingcosana kwabaningi, njengalokhu nawe uzibonela ngawakho amehlo.


Amasango alo abishe emhlabathini; usakaze, waphoqoza imigoqo yalo. Inkosi nababusi sebephakathi kwezizwe, akasekho ofundisa umthetho, nabaphrofethi abasaboni mbono ovela kuSimakade.


Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Umuzi owaphuma uyinkulungwane uyakushiya ikhulu, nowaphuma uyikhulu uyakushiya ishumi kuyo indlu yakwa-Israyeli.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite