Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:52 - IsiZulu 2020

52 Siyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho, zize ziwe izingange zakho ozethembayo ezweni lakho lonke, siyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho ezweni lakho lonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunike lona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

52 Siyakukuvimbezela kuwo onke amasango akho, zize ziwe izingange zakho owazethembayo ezweni lakho lonke, sikuvimbezele kuwo onke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

52 Iyakuvimbezela kuwo onke amasango akho, zize ziwe izindonga zakho eziphakemeyo nezibiyelweyo othembele kuzo ezweni lakho lonke; uyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:52
25 Referans Kwoze  

Ngakho inkosi yathukuthela, yathumela amabutho ayo, yabulala labo babulali, yashisa nomuzi wabo.


Ngiyakuhlanganisa zonke izizwe zilwe neJerusalema. Ziyakudla umuzi; ziphange izindlu, kudlwengule abesifazane, ingxenye yomuzi iyiswe ekuthunjweni, kodwa abantu abaseleyo abayukubulawa emzini.


“Bheka, iJerusalema ngizolenza libe yindebe yokudakisa zonke izizwe nxazonke. ElakwaJuda nalo liyakubandakanyeka lapho kuvinjezelwa iJerusalema.


Emva kwalawo masonto angama-62 ogcotshiweyo uyakunqunywa angabi namuntu; umuzi nendlu engcwele kuyakuchithwa ngabantu bombusi ozayo, ukuphela kwakho kube sesikhukhuleni, kube ngukulwa kuze kube sekugcineni; incithakalo inqunyiwe.


AmaKhaledi azobuya alwe nalo muzi, awudle, awushise ngomlilo.’


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngalowo mzuzu ngiyozijwiba izakhamuzi zezwe, ngibacindezele ukuze bakuzwe lokho.”


USimakade ufunge ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayukuphinde nginike izitha zakho okusanhlamvu kwakho, kube ngukudla kwazo. Abezizwe abayukuliphuza iwayini lakho elisha olikhandlekeleyo,


Izwe lakini liyincithakalo, imizi yakini ishiswe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu; liyincithakalo, libhujiswe ngabafokazi.


Ngonyaka we-14 wokubusa kukaHezekiya, inkosi, uSaneheribhi, inkosi yase-Asiriya, wakhuphuka, wahlasela yonke imizi yakwaJuda ebiyelweyo, wayidla.


Ngiyonehlisela inkemba yempindiselo, engiyakuziphindiselela ngayo ngenxa yesivumelwano sami. Niyobuthana ndawonye emizini yenu, ngithumele ubhubhane phakathi kwenu; ninikelwe esandleni sezitha zenu.


Siyokudla isithelo semfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, asiyukushiya okusanhlamvu, iwayini elisha, amafutha amasha, amankonyane, amazinyane ezimvu zakho, size sikushaye sikubhuqe.


“Ngakho-ke sayipheka indodana yami, sayidla; ngase ngithi kuye ngosuku olulandelayo: ‘Sinike indodana yakho ukuba siyidle;’ wayeyifihlile indodana yakhe.”


Qoqa umshuqulo wakho emhlabathini, wena ohlezi ekuvinjezelweni.


INkosi izibhubhise ngokungenaluzwelo, zonke izindawo okuhlala kuzo uJakobe. Ngentukuthelo yayo, izibhidlizile izigqaba zendodakazi uJuda, yaqumba phansi emhlabathini umbuso, nababusi yabathela ngehlazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite