Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:51 - IsiZulu 2020

51 Siyokudla isithelo semfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, asiyukushiya okusanhlamvu, iwayini elisha, amafutha amasha, amankonyane, amazinyane ezimvu zakho, size sikushaye sikubhuqe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Siyakuyidla inzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, singakushiyeli amabele, noma iwayini, noma amafutha, noma isanda sezinkomo zakho, noma amazinyane ezimvu zakho, aze akuqede.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

51 Uyakudla izithelo zezinkomo zakho nezithelo zezwe lakho uze ubhujiswe; wakubhubhisa.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:51
13 Referans Kwoze  

Izithelo zomhlabathi wakho nawo wonke umphumela wokusebenza kwakho, kuyodliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe nsuku zonke.


USimakade ufunge ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayukuphinde nginike izitha zakho okusanhlamvu kwakho, kube ngukudla kwazo. Abezizwe abayukuliphuza iwayini lakho elisha olikhandlekeleyo,


bese uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade kwabakhileyo eJerusalema, ezweni lakwa-Israyeli, ithi: “Bayakudla ukudla kwabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokuthuthumela, ngokuba izwe lakubo liyakuba yincithakalo, liphundlwe konke okugcwele kulo, ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.


Intaba yami ezweni, impahla nengcebo yenu yonke ngiyakukunikela kube yimpango, kanye nezindawo zenu eziphakemeyo ngenxa yezono ezifundeni zenu zonke.


Ngiyakunikela ngemfuyo yakho nangengcebo yakho, kube yimpango; ungakhokhelwa lutho ngakho, ngenxa yazo zonke izono zakho kuzo zonke izifunda zakho.


Izwe lakini liyincithakalo, imizi yakini ishiswe ngomlilo, umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu; liyincithakalo, libhujiswe ngabafokazi.


Lapho nginephuca ukudla okunisimamisile, abesifazane abalishumi bayakubhaka isinkwa eziko elilodwa. Bayakunilinganisela lapho besiletha kini, nidle ningasuthi.


isizwe esibuso baso bugcwele ulunya, esingenandaba nomuntu omdala, nesingenaluzwelo komusha.


Siyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho, zize ziwe izingange zakho ozethembayo ezweni lakho lonke, siyakukuvimbezela kuwo wonke amasango akho ezweni lakho lonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunike lona.


ngakho-ke sengizokunikela kwabasempumalanga, ube yifa labo. Bayakukanisa kuwe, bamise amathende abo kuwe, badle isithelo sakho, baphuze nobisi lwakho.


Induna yabalindi, nayo yonke impi yamaKhaledi eyayinayo, yadiliza izingange eJerusalema, nxazonke.


Bangcono abafe ngenkemba kunalabo ababulewe yindlala, babhuqwabhuqwa yinkemane, ngenxa yokweswela ukudla okuvela emasimini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite