Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:50 - IsiZulu 2020

50 isizwe esibuso baso bugcwele ulunya, esingenandaba nomuntu omdala, nesingenaluzwelo komusha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

50 isizwe esinobuso obujamayo, esingayikunakekela ubuso bomdala, singabi namusa komusha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

50 isizwe esinobuso obunjengomlilo, esingahloniphi ixhegu, esingabonisi umusa kwabancane;

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:50
12 Referans Kwoze  

Ngangibathukuthelele abantu bami, ngangcolisa ifa lami, ngalinikela esandleni sakho; awubahawukelanga, walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu phezu kwabadala.


Ngakho-ke wabehlisela inkosi yamaKhaledi, yabulala izinsizwa zakhona ngenkemba endlini yabo engcwele. Ayibanga naluzwelo ensizweni, entombini, kwabadala, nasemidodovini; wabanikela bonke esandleni sayo.


Zikuqumbe phansi othulini, wena nabantu abanawe; aziyukushiya litshe phezu kwelinye phakathi kwakho. Ngokuba awusazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”


ISamariya liyakuba necala, ngokuba limhlubukile uNkulunkulu walo; bayakufa ngenkemba, izingane zabo ziphahlazwe, abakhulelweyo baqaqwe.”


“Ekugcineni kokubusa kwayo, lapho izihlubuki seziphelele, inkosi elukhuni ngobuso, eqonda izimfumbe, iyakuvela.


“Emveni kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu, sinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso. Sasehlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso sinezimpondo ezilishumi.


Ngubani ofana nomuntu ohlakaniphile na? Ngubani owazi incazelo yendaba na? Ukuhlakanipha kwenza ubuso bomuntu bukhazimule, nokunyukubala kobuso bakhe kuguquke.


Uyayibamba, uyayiqabula, engenamahloni, uthi kuyo:


Siyokudla isithelo semfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, asiyukushiya okusanhlamvu, iwayini elisha, amafutha amasha, amankonyane, amazinyane ezimvu zakho, size sikushaye sikubhuqe.


Awusayukubuye uzibone izidlova, abantu abakhuluma okungaqondakali nokungezwakali, abalulimi lukwitiza kungekho ongaluqonda.


Emveni kwalokho,” kusho uSimakade, “ngiyakunikela uZedekiya, inkosi yakwaJuda, izinceku zakhe nabantu, kulo muzi, abayosinda obhubhaneni, enkembeni, endlaleni, esandleni sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, esandleni sezitha zabo, esandleni sabafuna ukuphila kwabo; uyakubabhubhisa ngenkemba, angabi naluzwelo, nasihe futhi angabi namusa kubo.” ’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite