Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UDuteronomi 28:46 - IsiZulu 2020

46 Ziyokwehlela phezu kwakho nasozalweni lwakho zibe yisibonakaliso nesimangaliso kuze kube phakade,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

46 zibe phezu kwakho isibonakaliso nesimangaliso, naphezu kwenzalo yakho kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

46 Ziyakuba yisibonakaliso nesimangaliso kuwe nakuyo inzalo yakho kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




UDuteronomi 28:46
13 Referans Kwoze  

Bheka, mina nabantwana uSimakade angiphe bona, siyizibonakaliso nezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuSimakade Wamabandla ohleli entabeni iZiyoni.


Ngiyakubhekana ngqo nalowo muntu, ngimenze abe yisibonakaliso nesaga, ngimsuse kubantu bami, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.


Uyakuba yinto esabisayo, nesiga, nombhinqo phakathi kwezizwe zonke lapho uSimakade eyokunixoshela khona.


Lezo zinto zenzeka kulabo ukuze zibe yisibonelo, ngokuba zilotshiwe ukusiyala thina, osekufike kithi izikhathi zokugcina.


Kwakuthi lapho befika ezizweni ababeya kuzo, balihlambalaze igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo: ‘Laba bangabantu bakaSimakade, kodwa nakuba kunjalo balishiyile izwe lakhe.’


iJerusalema, imizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikubhubhise kube yincithakalo, into enximfelwayo neqalekisiweyo, njengoba kunjalo namuhla.


Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


USimakade wabadwengula ezweni lakubo ngolaka, ngokufutheka, nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa ngaphandle kwelinye izwe, njenganamuhla.’


uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.


uSimakade uyakwenza ubhubhane lwakho ukuba lumangalise, nobhubhane lozalo lwakho, ubhubhane olukhulu oluhlala isikhathi eside nesifo esinzima esihlala isikhathi eside.


Umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya noKhora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo wasobozela khona amadoda angama-250, aba yisixwayiso.


Kuyakuba yihlazo, isaga, isexwayiso, nokwesabekayo ezizweni zonke ezikuzungezileyo, lapho ngikwehlulela ngentukuthelo, ngolaka nangokukuthethisa. Mina Simakade ngikhulumile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite